AbaHluleli
5 Ngalolo suku uDebora + kanye noBharaki + indodana ka-Abhinowamu bahlabelela le ngoma: +
2 “Ngenxa yezinwele ezingaboshiwe* kwa-Israyeli,
Ngenxa yokuzinikela kwabantu ngokuzithandela, +
Dumisani uJehova!
3 Lalelani, nina makhosi! Bekani indlebe, nina babusi!
Ngizomhlabelelela uJehova.
Ngizomhubela izindumiso* uJehova, + uNkulunkulu ka-Israyeli. +
4 Jehova, lapho uphuma eSeyiri, +
Lapho uphuma endaweni yakwa-Edomi,
Umhlaba wazamazama, namazulu ehlisa imvula,
Amafu ehlisa amanzi.
5 Izintaba zancibilika* phambi kobuso bukaJehova, +
Ngisho neSinayi phambi kobuso bukaJehova, + uNkulunkulu ka-Israyeli. +
6 Ezinsukwini zikaShamgari + indodana ka-Anati,
Ezinsukwini zikaJayeli, + imigwaqo emikhulu yayingasetshenziswa;
Abahambayo babehamba ngezindlela ezincane.
7 Abahlala emaphandleni kwa-Israyeli babengasekho;*
Babengasekho kwaze kwaba yilapho mina Debora, + ngisukuma,
Kwaze kwaba yilapho ngisukuma njengomama kwa-Israyeli. +
Ihawu lalingabonwa, ngisho nomkhonto imbala,
Phakathi kwabangu-40 000 kwa-Israyeli.
Dumisani uJehova!
10 Nina bagibeli bezimbongolo ezimpofu,
Nina enihlala kokhaphethi abahle,
Nani enihamba emgwaqweni,
Cabangani ngalokhu!
11 Amazwi alabo abakhelela imfuyo amanzi ezwakala ezindaweni okukhiwa kuzo amanzi;
Babexoxa lapho ngezenzo ezilungile zikaJehova,
Izenzo ezilungile zabantu abahlala emaphandleni akwa-Israyeli.
Khona-ke abantu bakaJehova behlela emasangweni.
Vuka, vuka, hlabelela ingoma! +
Sukuma, Bharaki! + Hola izithunjwa zakho uhambe nazo, wena ndodana ka-Abhinowamu!
13 Labo ababesindile behla beza ezikhulwini;
Abantu bakaJehova behlela kimi bezokulwa nabanamandla.
14 Babedabuka kwa-Efrayimi, labo abasesigodini;*
Bayakulandela, Bhenjamini, phakathi kwabantu bakini.
Wathunywa ethafeni elisesigodini ehamba ngezinyawo. +
Izinhliziyo zazihlolisiswa phakathi kwesizwe sakwaRubeni.
16 Wawuhlaleleni phakathi kwezikhwama ezimbili zesihlalo sehhashi,
Ubalalele bedlalela imihlambi yabo imitshingo? +
Izinhliziyo zazihlolisiswa phakathi kwesizwe sakwaRubeni.
Awathathanga mpango yesiliva. +
20 Izinkanyezi zalwa zisezulwini;
Zalwa noSisera zisemizileni yazo.
Wanyathela abanamandla, mphefumulo* wami.
23 ‘Liqalekiseni iMerozi,’ kusho ingelosi kaJehova,
‘Baqalekiseni impela abahlala kulo,
Ngoba abazange bamsize uJehova,
Abazange bamsize uJehova kanye nabanamandla.’
24 Ubusiswe ukubedlula bonke abesifazane uJayeli +
UmkaHebhere + umKheni;
Ubusiswe ukubedlula bonke abesifazane abahlala ematendeni.
25 Wacela amanzi; wamnika ubisi.
Ngesitsha esikhulu sedili waletha amasi. *+
26 Welula isandla sakhe wathatha isikhonkwane setende,
Ngesandla sakhe sokudla wathatha isando sokhuni.
Wambethela uSisera, wamphihliza ikhanda,
Wazifahlaza, waziqhekeza izinhlafuno zakhe. +
27 Wawela phakathi kwezinyawo zakhe; wafumbeka phansi, wadindiliza;
Wawela phakathi kwezinyawo zakhe, wafumbeka phansi;
Lapho awela khona, wafela khona.
28 Owesifazane walunguza efasiteleni,
Unina kaSisera walunguza efasiteleni,
‘Kungani inqola yakhe ingakabuyi namanje?
Kungani ngingakawuzwa umsindo wezinqola zamahhashi akhe?’ +
29 Abahlakaniphile emakhosazaneni akhe babemphendula;
Yebo, naye wayesho ethi,
30 ‘Kumele ukuba bahlukanisa impango abayitholile,
Intombazane,* amantombazane* amabili, kulelo nalelo qhawe,
Impango yengubo edayiwe kaSisera, impango yengubo edayiwe,
Ingubo ehlotshisiwe, ingubo edayiwe, izingubo ezimbili ezihlotshisiwe
Zezintamo zabaphanga impango.’