IsiLilo
א [Aleph]
2 Yeka ukuthi uJehova uyimboze kanjani indodakazi yaseZiyoni ngefu lentukuthelo yakhe!
Ubususile ezulwini ubuhle buka-Israyeli wabuphonsa phansi emhlabeni. +
Akazange asikhumbule isenabelo sezinyawo zakhe + ngosuku lwentukuthelo yakhe.
ב [Beth]
2 UJehova uzibhubhise ngaphandle kokubonisa isihe zonke izindawo zokuhlala zikaJakobe.
Ngentukuthelo yakhe uzidilizile izindawo ezinezivikelo eziqinile zendodakazi yakwaJuda. +
Uwehlisele phansi emhlabathini wawuhlazisa umbuso + nezikhulu zawo. +
ג [Gimel]
3 Ngokuvutha kwentukuthelo yakhe uwaqede wonke amandla* ka-Israyeli.
Uhoxise isandla sakhe sokudla lapho isitha sisondela, +
KuJakobe waqhubeka evutha njengomlilo oshisa yonke into nxazonke. +
ד [Daleth]
4 Usewugobile umnsalo wakhe njengesitha; isandla sakhe sokudla simi ngomumo njengesesitha; +
Waqhubeka ebabulala bonke labo abathandekayo emehlweni ethu. +
Uthululele intukuthelo yakhe njengomlilo + etendeni lendodakazi yaseZiyoni. +
ה [He]
Uyibhubhise yonke imibhoshongo yakhe;
Uzichithe zonke izindawo zakhe ezinezivikelo eziqinile.
Wenza ukuba kukhalwe, kukhihlwe isililo endodakazini yakwaJuda.
ו [Waw]
6 Uliphatha ngesihluku idokodo lakhe, + njengendlwana esengadini.
UJehova ubangele ukuba umkhosi nesabatha kulibaleke eZiyoni,
Entukuthelweni yakhe evuthayo akanandaba nankosi nampristi. +
ז [Zayin]
Unikele izindonga zemibhoshongo eqinile yeZiyoni esandleni sesitha. +
Bayamemeza endlini kaJehova + njengasosukwini lomkhosi.
ח [Heth]
8 UJehova unqume ukulubhidliza udonga lwendodakazi yaseZiyoni. +
Welule intambo yokukala. +
Akazange asigodle isandla sakhe ukuba singabhubhisi.*
Ubangela ukuba indunduma yokuvikela nodonga kulile.
Kokubili sekubuthakathaka.
ט [Teth]
9 Amasango alo ashone emhlabathini. +
Ubhubhise waphihliza imigoqo yalo.
Inkosi yalo nezikhulu zalo baphakathi kwezizwe. +
Akukho mthetho;* ngisho nabaprofethi balo abatholi mbono ovela kuJehova. +
י [Yod]
10 Amadoda amadala endodakazi yaseZiyoni ahlezi phansi emhlabathini, athule. +
Athela uthuli emakhanda awo, abhince nendwangu yesaka. +
Izintombi zaseJerusalema zikhothamisele amakhanda azo emhlabathini.
כ [Kaph]
11 Amehlo ami akhathele ngenxa yezinyembezi. +
Kuxhaphazela amathumbu.
Inhliziyo yami iphukile,* ngenxa yokuwa kwendodakazi* yabantu bami, +
Ngenxa yezingane nezinsana eziphelelwa amandla ezigcawini zedolobha. +
ל [Lamed]
12 Zilokhu zithi konina, “Kuphi ukudla nokokuphuza?” +
Njengoba ziphelelwa ngamandla njengomuntu ogwaziwe ezigcawini zedolobha,
Njengoba ukuphila kwazo kuphelela ezandleni zonina.
מ [Mem]
13 Yini engingayisebenzisa njengofakazi,
Noma ngingakufanisa nani, ndodakazi yaseJerusalema?
Ngingakuqhathanisa nani, ukuze ngikududuze ndodakazi eyintombi yaseZiyoni?
Ngoba ukuwa kwakho kukhulu njengolwandle. + Ngubani ongakwelapha? +
נ [Nun]
14 Abaprofethi bakho bakubonele imibono engamanga nengazuzisi, +
Abazange balembule iphutha lakho ukuze ungathunjwa, +
Kodwa baqhubeka bekubonela imibono engamanga nezimemezelo ezidukisayo. +
ס [Samekh]
15 Bonke abadlula ngendlela bakushayela izandla bekubhuqa. +
Bashaya ikhwela bemangele, + bayinikinele amakhanda abo indodakazi yaseJerusalema, bethi:
“Ingabe yilo leli dolobha ababethi ngalo, ‘Lihle ngokuphelele, lenza wonke umhlaba ujabule’?” +
פ [Pe]
16 Zonke izitha zakho zikuvulele umlomo.
Zishaya ikhwela ziququda namazinyo zithi: “Silibhubhisile. +
Lolu usuku ebesilulindile! + Selufikile, silubonile!” +
ע [Ayin]
Udilizile, akabonisanga bubele. +
Uvumele isitha ukuba sijabule ngawe; wenze izitha zakho zaba namandla kakhulu.*
צ [Tsade]
18 Izinhliziyo zabantu ziyakhala kuJehova, O donga lwendodakazi yaseZiyoni.
Izinyembezi mazigeleze imini nobusuku njengomfudlana.
Ungaziniki isikhathi sokuphumula, iso* lakho malingaphumuli.
ק [Qoph]
19 Vuka! Khala kakhulu ubusuku bonke.
Thulula inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso bukaJehova.
Phakamisela kuye izandla zakho ngenxa yokuphila kwezingane zakho,
Eziphelelwa ngamandla kuwo wonke amakhona emigwaqo* ngenxa yendlala. +
ר [Resh]
20 Bheka, Jehova, mbheke lowo omjezise kanzima.
Ingabe abesifazane kufanele baqhubeke bedla inzalo* yabo, abantwana ababazele, +
Noma ingabe abapristi nabaprofethi kufanele babulawelwe endlini engcwele kaJehova? +
ש [Shin]
21 Umfana nexhegu badindilize emigwaqweni. +
Izintombi zami nezinsizwa zami zibulewe ngenkemba. +
Ubulele ngosuku lwentukuthelo yakho; ubulale wangaba nabubele. +
ת [Taw]
22 Njengokungathi usuku lomkhosi, + uletha izinto ezingithusayo zivela nxazonke.