Numeri
10 Ngemva kwalokho uJehova wakhuluma noMose, wathi: 2 “Zenzele amacilongo + amabili; uwenze ngesiliva usebenzisa isando, uwasebenzisele ukubiza inhlangano nokubonisa abantu ukuthi sekuyahanjwa. 3 Lapho eshaywa womabili, yonke inhlangano kumele ize kuwe emnyango wetende lokuhlangana. + 4 Uma kushaywa elilodwa kuphela, yizikhulu zodwa, izinhloko zezinkulungwane zika-Israyeli, ezizoza kuwe. +
5 “Lapho nenza umsindo wecilongo oshintshashintshayo, amakamu alabo abasempumalanga + kufanele asuke. 6 Lapho nenza umsindo wecilongo oshintshashintshayo okwesibili, amakamu alabo abaseningizimu + kufanele asuke. Kufanele bawenze ngale ndlela umsindo wecilongo isikhathi ngasinye lapho elinye lawo lisuka.
7 “Lapho nibizela ibandla ndawonye, kufanele nishaye amacilongo, + kodwa akumele nenze umsindo oshintshashintshayo. 8 Amadodana ka-Aroni, abapristi, kufanele ashaye amacilongo, + ukusetshenziswa kwawo kuyosebenza njengomthetho waphakade kini kuzo zonke izizukulwane zenu.
9 “Uma kufanele niye empini ezweni lakini niyokulwa nomuntu onicindezelayo onihluphayo, kufanele nihlabe umkhosi wempi ngala macilongo, + uJehova uNkulunkulu wenu uyonikhumbula nisindiswe ezitheni zenu.
10 “Ngisho nangezinkathi zenu zenjabulo +—emikhosini yenu + nasekuqaleni kwezinyanga zenu—kufanele nishaye amacilongo nishayele iminikelo yenu eshiswayo + nemihlatshelo yenu ehlanganyelwayo; + ayosebenza njengesikhumbuzo kini phambi kukaNkulunkulu wenu. NginguJehova uNkulunkulu wenu.” +
11 Ngonyaka wesibili, ngenyanga yesibili, ngosuku luka-20 enyangeni, + ifu lakhuphuka phezu kwetabernakele + lobuFakazi. 12 Ngakho ama-Israyeli aqala ukusuka ehlane laseSinayi ngokwendlela okwakufanele asuke ngayo, + ifu lahlala ehlane lasePharanu. + 13 Kwakungokokuqala ngqa esuka, elandela umyalo kaJehova ngoMose. +
14 Ngakho isigaba sezizwe ezintathu sekamu labantwana bakwaJuda sasuka kuqala ngokwamaqembu* aso, uNaheshoni + indodana ka-Aminadaba wayengamele iqembu laso. 15 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwa-Isakare kwakunguNethaneli + indodana kaZuwari. 16 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwaZebhuloni kwakungu-Eliyabe + indodana kaHeloni.
17 Lapho itabernakele lehliswa, + amadodana kaGereshoni + namadodana kaMerari, + ayethwala itabernakele, asuka.
18 Isigaba sezizwe ezintathu sekamu likaRubeni sasuka ngokwamaqembu* aso, u-Elizuri + indodana kaShedewuri wayengamele iqembu laso. 19 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni kwakunguShelumiyeli + indodana kaZurishadayi. 20 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwaGadi kwakungu-Eliyasafa + indodana kaDehuweli.
21 Kwabe sekusuka amaKohati, okuyiwona ayethwala izinto zendlu engcwele. + Itabernakele kwakufanele limiswe ngesikhathi afika ngaso.
22 Isigaba sezizwe ezintathu sekamu labantwana bakwa-Efrayimi sasuka ngokwamaqembu* aso, u-Elishama + indodana ka-Amihudi engamele iqembu laso. 23 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwaManase kwakunguGamaliyeli + indodana kaPhedazuri. 24 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwaBhenjamini kwakungu-Abhidani + indodana kaGidiyoni.
25 Ngemva kwalokho isigaba sezizwe ezintathu sekamu labantwana bakwaDani sasuka ngokwamaqembu* aso, sakha ibutho labaqaphi elisemuva lawo wonke amakamu, u-Ahiyezeri + indodana ka-Amishadayi wayengamele iqembu laso. 26 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwa-Asheri kwakunguPhagiyeli + indodana ka-Okirani. 27 Owayengamele iqembu lesizwe sabantwana bakwaNafetali kwakungu-Ahira + indodana ka-Enani. 28 Lena kwakuyindlela ama-Israyeli ayehamba ngayo neyayilandelwa amaqembu* awo lapho esuka. +
29 UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli *+ umMidiyani, umukhwe kaMose: “Siyasuka siya endaweni uJehova athi ngayo, ‘Ngiyoninika yona.’ + Woza sihambe nawe, + sizokuphatha kahle, ngoba uJehova umthembise izinto ezinhle u-Israyeli.” + 30 Kodwa wathi kuye: “Ngeke ngihambe. Ngizobuyela ezweni lakithi nasezihlotsheni zami.” 31 UMose wathi kuye: “Sicela ungasishiyi, ngoba nguwe owazi lapho kufanele simise khona amatende ehlane, ungakwazi ukuba umqondisi* wethu. 32 Uma uhamba nathi, + noma yikuphi okuhle uJehova ayokwenza kithi, nakanjani siyokwenza nakuwe.”
33 Ngakho bahamba uhambo lwezinsuku ezintathu besuka entabeni kaJehova, + umphongolo + wesivumelwano sikaJehova wawuhamba phambi kwabo kulolu hambo lwezinsuku ezintathu ukuze ubafunele indawo yokuphumula. + 34 Ifu likaJehova + laliphezu kwabo emini lapho besuka endaweni ababemise amatende kuyo.
35 Noma nini lapho uMphongolo usuka, uMose wayethi: “O Jehova, vuka, + mazihlakazeke izitha zakho, mababaleke phambi kwakho labo abakuzondayo.” 36 Kwakuthi lapho uhlala, athi: “O Jehova, buyela ezinkulungwaneni ezingenakubalwa* zakwa-Israyeli.” +