Numeri
21 Lapho inkosi yase-Aradi + engumKhanani, eyayihlala eNegebhi, izwa ukuthi u-Israyeli wayeze ngendlela yase-Atarimi, yahlasela u-Israyeli yathumba abanye kubo. 2 Ngakho u-Israyeli wenza lesi sifungo kuJehova: “Uma unikela lesi sizwe esandleni sami, nakanjani nami ngizowabhubhisa amadolobha aso.” 3 Ngakho uJehova walilalela izwi lika-Israyeli wawanikela amaKhanani kuye, ama-Israyeli awabhubhisa wona namadolobha awo. Ngakho aqamba leyo ndawo ngokuthi iHorma. *+
4 Njengoba babeqhubeka nohambo lwabo olusuka eNtabeni iHori + ngendlela yasoLwandle Olubomvu ukuze bazungeze izwe lakwa-Edomi, + abantu bakhathala ngenxa yendlela. 5 Abantu babelokhu bekhuluma kabi ngoNkulunkulu nangoMose, + bethi: “Nisikhipheleni eGibhithe ukuze sizofela ehlane? Akukho kudla namanzi + futhi thina sesiyasizonda* lesi sinkwa esidelelekile.” + 6 Ngakho uJehova wathumela izinyoka ezinesihlungu* phakathi kwabantu, futhi zazilokhu zibaluma, kangangokuba ama-Israyeli amaningi afa. +
7 Ngakho abantu beza kuMose bathi: “Sonile ngokukhuluma kabi ngoJehova nangawe. + Sincengele kuJehova ukuze asuse lezi zinyoka kithi.” UMose wabancengela abantu. + 8 Ngakho uJehova wathi kuMose: “Yenza umfanekiso wenyoka enesihlungu* uwubeke esigxotsheni. Kuyothi lapho noma ubani elunyiwe, kudingeke awubuke ukuze aqhubeke ephila.” 9 Khona manjalo uMose wenza inyoka yethusi + wayibeka esigxotsheni, + noma nini lapho inyoka ilume umuntu bese ebuka inyoka yethusi, wayesinda. +
10 Ngemva kwalokho ama-Israyeli asuka amisa amatende e-Oboti. + 11 Abe esesuka e-Oboti amisa amatende e-Iye-abarimi, + ehlane elibheke kuMowabi, ngasempumalanga. 12 Asuka lapho amisa amatende ngaseSigodini* SaseZeredi. + 13 Asuka lapho amisa amatende esifundeni sase-Arinoni, + esisehlane elisukela emngceleni wama-Amori, ngoba i-Arinoni liwumngcele kaMowabi, phakathi kukaMowabi nama-Amori. 14 Yingakho incwadi yeziMpi ZikaJehova ikhuluma “ngeVahebi eseSufa nangezigodi* zase-Arinoni, 15 nangendawo eyehlelayo* yezigodi,* eze iyofika endaweni yase-Ari futhi encikene nomngcele kaMowabi.”
16 Ngokulandelayo baya eBheri. Lona umthombo uJehova akhuluma ngawo kuMose wathi: “Qoqa abantu, ngibanike amanzi.”
17 Ngaleso sikhathi u-Israyeli wacula le ngoma:
“O mthombo, phethuka!—Sabelani* kuwo!
18 Umthombo owambiwa izikhulu, wagujwa izicukuthwane,
Ngobhoko lomyali nangezinduku zabo.”
Abe esesuka ehlane aqhubekela eMathana, 19 asuka eMathana aqhubekela eNahaliyeli, asuka eNahaliyeli aqhubekela eBhamoti. + 20 Asuka eBhamoti aqhubekela esigodini esisendaweni* yakwaMowabi, + esiqongweni sePhisiga, + esibheke eJeshimoni. *+
21 U-Israyeli wathumela izithunywa kuSihoni, inkosi yama-Amori, wathi: + 22 “Sivumele sidabule ezweni lakho. Ngeke siphambukele ensimini noma esivinini. Akukho mthombo esizophuza kuwo amanzi. Sizohamba ngoMgwaqo Wenkosi size sidlule endaweni yakho.” + 23 Kodwa uSihoni akamvumelanga u-Israyeli ukuba adabule endaweni yakhe. Kunalokho waqoqa bonke abantu bakhe waphuma wayomelana no-Israyeli ehlane, wafika eJahazi waqala ukulwa no-Israyeli. + 24 Kodwa u-Israyeli wamnqoba ngenkemba + walidla izwe lakhe + kusukela e-Arinoni + kwaze kwaba seJabhoki, + eduze kwama-Amoni, ngoba iJazeri + liwumngcele wendawo yama-Amoni. +
25 Ngakho u-Israyeli wawathatha wonke la madolobha, waqala ukuhlala kuwo wonke amadolobha ama-Amori + eHeshibhoni nakuzo zonke izindawo ezingaphansi kwalo.* 26 Ngoba iHeshibhoni kwakuyidolobha likaSihoni, inkosi yama-Amori, owalwa nenkosi yakwaMowabi wathatha lonke izwe layo kuyo kuze kufike e-Arinoni. 27 Yilokho okwenza kwaba khona isaga sokwedelela esithi:
“Woza eHeshibhoni.
Idolobha likaSihoni malakhiwe futhi limiswe liqine.
28 Ngoba kuphume umlilo eHeshibhoni, ilangabi edolobhaneni likaSihoni.
Udle i-Ari lakwaMowabi, amakhosi ezindawo eziphakeme zase-Arinoni.
29 Maye kuwe, Mowabi! Niyoqothulwa, bantu bakaKemoshi! +
Wenza amadodana akhe abe ababaleki namadodakazi akhe abe izithunjwa zikaSihoni, inkosi yama-Amori.
30 Masibacibishele;
IHeshibhoni lizoqothulwa kuze kube seDiboni; +
Masilicoboshise kuze kube seNofa;
Umlilo uzobhebhetheka kuze kube seMedeba.” +
31 Ngakho u-Israyeli waqala ukuhlala ezweni lama-Amori. 32 UMose wabe esethumela amadoda athile ukuba ayohlola iJazeri. + Athumba izindawo ezingaphansi kwalo* axosha ama-Amori ayelapho. 33 Ngemva kwalokho baphenduka bakhuphuka ngeNdlela YaseBhashani. U-Ogi, + inkosi yaseBhashani, waphuma nabo bonke abantu bakhe waya kubo empini e-Edireyi. + 34 UJehova wathi kuMose: “Ungamesabi, + ngoba ngizomnikela kuwe yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe, + wenze kuye njengoba nje wenzile kuSihoni, inkosi yama-Amori, owayehlala eHeshibhoni.” + 35 Ngakho babelokhu bebabulala yena namadodana akhe nabo bonke abantu bakhe, kwaze kwangasala ngisho noyedwa kubantu bakhe, + balidla izwe lakhe. +