Eyesibili YeziKronike
21 Ngemva kwalokho uJehoshafati walala nokhokho bakhe wangcwatshwa nokhokho bakhe eDolobheni LikaDavide; uJehoramu indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe. + 2 Abafowabo, amadodana kaJehoshafati, kwakungu-Azariya, uJehiyeli, uZakariya, u-Azariya, uMikayeli noShefathiya; bonke laba babengamadodana kaJehoshafati inkosi yakwa-Israyeli. 3 Uyise wayebanike izipho eziningi zesiliva negolide nezinto eziyigugu kanye namadolobha anezivikelo eziqinile kwaJuda; + kodwa umbuso wawunika uJehoramu + ngoba wayeyizibulo.
4 Lapho uJehoramu esebusa embusweni kayise, waqinisa isikhundla sakhe ngokubulala bonke abafowabo + ngenkemba, kanye nezinye izikhulu zakwa-Israyeli. 5 UJehoramu wayeneminyaka engu-32 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-8 eJerusalema. + 6 Wahamba endleleni yamakhosi akwa-Israyeli, + njengoba nje babenzile abendlu ka-Ahabi, ngoba wayeshade nendodakazi ka-Ahabi; + waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova. 7 Kodwa uJehova akafunanga ukuyichitha indlu kaDavide ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, + ngoba wayemthembise ukuthi kwakuyohlale kubusa inzalo yakhe eJerusalema. +
8 Ezinsukwini zakhe u-Edomi wavukela uJuda + wayesebeka eyakhe inkosi. + 9 Ngakho uJehoramu nezinduna zakhe bawela nazo zonke izinqola zakhe, wavuka ebusuku wanqoba ama-Edomi ayemhaqile nezinduna zezinqola. 10 Kodwa u-Edomi akazange ayeke ukuvukela uJuda kuze kube namuhla. ILibhina + nalo laqala ngaleso sikhathi ukumvukela ngoba wayeshiye uJehova uNkulunkulu wokhokho bakhe. + 11 Wayenze nezindawo eziphakeme + ezintabeni zakwaJuda ukuze abangele abakhe eJerusalema ukuba bangathembeki kuNkulunkulu,* waphambukisa uJuda.
12 Ekugcineni kwafika kuye umyalezo obhaliwe uvela ku-Eliya + umprofethi, uthi: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakho akushoyo, ‘Awuhambanga ezindleleni zikaJehoshafati + uyihlo noma ezindleleni zika-Asa + inkosi yakwaJuda. 13 Kodwa uhamba endleleni yamakhosi akwa-Israyeli + futhi ubangela uJuda nabakhe eJerusalema ukuba bangathembeki kuNkulunkulu *+ njengokungathembeki kuNkulunkulu okwenziwa indlu ka-Ahabi, + waze wabulala ngisho nabafowenu, + indlu kayihlo, ababengcono kunawe. 14 Ngakho uJehova ushaya abantu bakho, amadodana akho, abafazi bakho nazo zonke izinto zakho ngegalelo elikhulu. 15 Uyophathwa izifo eziningi, kuhlanganise nesifo samathumbu, amathumbu akho aze aphumele ngaphandle ngenxa yalesi sifo, usuku nosuku.’ ”
16 UJehova wabe esenza + ukuba uJehoramu avukelwe amaFilisti *+ nama-Arabhu + ayeseduze kwamaTopiya. 17 Ngakho ahlasela kwaJuda angena ngendluzula athatha zonke izimpahla ezatholakala endlini yenkosi, *+ kanye namadodana ayo nomkayo; yashiyelwa uJehowahazi *+ kuphela, indodana yayo encane kunawo wonke. 18 Ngemva kwakho konke lokhu, uJehova wayishaya ngesifo samathumbu esingalapheki. + 19 Ngemva kwesikhathi, sekudlule iminyaka emibili egcwele, amathumbu ayo aphumela ngaphandle ngenxa yalesi sifo, lesi sifo sayihlupha kakhulu yaze yashona; abantu bayo abazange bayenzele umlilo omkhulu wokuyihlonipha njengomlilo omkhulu owawenzelwa okhokho bayo. + 20 Yayineminyaka engu-32 lapho iba inkosi, yabusa iminyaka engu-8 eJerusalema. Akekho owadabuka lapho ishona. Bayingcwaba eDolobheni LikaDavide, + kodwa hhayi emangcwabeni amakhosi. +