IsiHlabelelo SeziHlabelelo
2 “Njengembali phakathi kwameva
Sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.”
3 “Njengesihlahla sama-apula phakathi kwezihlahla zehlathi,
Sinjalo isithandwa sami phakathi kwezinsizwa.
Ngifisa kakhulu ukuhlala emthunzini waso,
Isithelo saso simnandi kimi.
5 Nginikeni amakhekhe enziwe ngamagilebhisi omisiwe ukuze ngiqabuleke; +
Ngipheni ama-apula ngidle,
Ngoba ngiyafa uthando.
7 Ngiyanifungisa madodakazi aseJerusalema,
Ngobuhle bezinyamazane + nobezinyamazane zezinsikazi zasendle:
Ningazami ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona. +
8 Ngiyasizwa isithandwa sami njengoba siza!
Nasi siza,
Siqombola izintaba, sigxumagxuma emagqumeni.
9 Isithandwa sami sifana nenyamazane, inyamazane encane. +
Nasiya, simi ngemva kodonga,
Silunguza ngamafasitela,
Sibuka ngamafasitela.
10 Isithandwa sami sithi kimi:
‘Vuka mntakwethu,
Hamba nami, simomondiya sami.
Izimvula azisekho.
13 Esihlahleni somkhiwane amakhiwane amile kuqala asevuthiwe; +
Izihlahla zamagilebhisi ziyaqhakaza zikhipha iphunga elimnandi.
Vuka sthandwa sami, woza.
Simomondiya sami, woza sihambe.
14 O juba lami, emiphemeni yedwala, +
Ezindaweni ezicashile eziseweni,
Ngivumele ngikubone ngizwe nephimbo lakho, +
Ngoba iphimbo lakho limtoti futhi umuhle.’ ” +
15 “Sibambeleni izimpungushe,
Izimpungushe ezincane ezonakalisa amasimu amagilebhisi,
Ngoba amasimu ethu amagilebhisi aseqhakazile.”