Ihubo lika-Asafa. +
50 UNkulunkulu ophakeme kunabanye onkulunkulu, uJehova, + ukhulumile;
Ubiza umhlaba
Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.
2 UNkulunkulu uyakhanya eseZiyoni, idolobha elihle ngokuphelele. +
3 UNkulunkulu wethu uzofika futhi ngeke ahlale ethule. +
Phambi kwakhe kukhona umlilo oqothulayo, +
Kuvunguza isiphepho nxazonke zakhe. +
4 Ubiza amazulu nomhlaba njengofakazi, +
Ukuze ahlulele abantu bakhe: +
5 “Buthelani kimi abantu bami abaqotho,
Labo abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.” +
6 Amazulu amemezela ukulunga kwakhe,
Ngoba uNkulunkulu unguMahluleli. + (Sela)
7 “Lalelani bantu bami, mina ngizokhuluma;
Israyeli, ngizonikeza ubufakazi obukulahlayo. +
NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho. +
8 Angikusoli ngenxa yemihlatshelo yakho,
Noma ngenxa yeminikelo yakho eshiswa ngokuphelele ehlale iphambi kwami. +
9 Akudingeki ngithathe inkunzi emzini wakho,
Noma izimbuzi ezibayeni zakho. +
10 Ngoba zonke izilwane zasendle ezisemahlathini zingezami, +
Ngisho nezilwane ezikuzo zonke izintaba.
11 Ngizazi zonke izinyoni ezisezintabeni; +
Izilwane zasendle ezingenakubalwa zingezami.
12 Ukube bengilambile, bengingeke ngitshele wena,
Ngoba umhlaba nakho konke okukuwo kungokwami. +
13 Ngizoyidla yini inyama yezinkunzi
Ngiphuze negazi lezimbuzi? +
14 Nikela ukubonga njengomhlatshelo wakho kuNkulunkulu, +
Ugcwalise izifungo zakho koPhezukonke; +
15 Ngibize ngesikhathi sokucindezeleka. +
Ngizokukhulula, wena ungikhazimulise.” +
16 Kodwa uNkulunkulu uyothi komubi:
“Unalungelo lini lokukhuluma ngeziqondiso zami, +
Noma lokukhuluma ngesivumelwano sami? +
17 Ngoba uyasizonda isiyalo,
Ulokhu ungawalaleli amazwi ami. +
18 Lapho ubona isela, usebenzelana nalo, +
Uphila neziphingi.
19 Umlomo wakho uwusebenzisela ukukhuluma izinto ezimbi,
Inkohliso inamathele olimini lwakho. +
20 Uhlala phansi ukhulume kabi ngomfowenu; +
Udalula amaphutha omfowenu.
21 Lapho wenza lezi zinto, ngathula,
Wawucabanga ukuthi ngizofana nawe.
Kodwa manje ngizokusola,
Ngizowasho amacala engikubeka wona. +
22 Ngicela nicabange ngalokhu, nina enikhohlwa uNkulunkulu, +
Ukuze nginganidwenguli nibe yizicucu ebe engekho ozonikhulula.
23 Lowo onikela ukubonga njengomhlatshelo wakhe uyangikhazimulisa, +
Lowo olandela inkambo yokulunga,
Ngizomenza abone insindiso kaNkulunkulu.” +