U-Amose
8 Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova eyangibonisa kona: Bheka! Kwakukhona ubhasikidi wezithelo zasehlobo. 2 Yathi kimi, “Ubonani Amose?” Ngaphendula ngathi: “Ubhasikidi wezithelo zasehlobo.” UJehova wabe esethi kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli. Ngeke ngisabaxolela. + 3 ‘Izingoma zethempeli ziyophenduka isililo ngalolo suku,’ + kusho iNkosi EnguMbusi uJehova. ‘Ziyoba ziningi izidumbu ezijikijelwe kuyo yonke indawo +—makuthuleke!’
4 Yizwani lokhu nina enicindezela abahluphekayo
Enibangela ukuba abamnene baphele emhlabeni, +
5 Nina enithi, ‘Uyophela nini umkhosi wokwethwasa kwenyanga + ukuze sidayise ukudla kwethu okusanhlamvu,
NeSabatha, + ukuze sidayise ukudla okusanhlamvu?
Ukuze sinciphise isikali se-efa*
Sikhulise isisindo seshekeli,*
Ukuze sikhohlise ngezikali zethu; +
6 Ukuze sithenge abantu abaswele ngesiliva
Nabahluphekayo ngezimbadada, +
Sidayise ingxenye yokudla okusanhlamvu engasizi ngalutho.’
Ngeke yini liphakame lonke njengeNayile,
Liphakame libuye libohle njengeNayile yaseGibhithe?’ +
9 ‘Ngalolo suku,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova,
‘Ngiyokwenza ilanga lishone emini bebade,
Ngenze izwe libe mnyama ngosuku olucwathile. +
Ngiyobhincisa zonke izinkalo indwangu yesaka, ngenze wonke amakhanda abe nezimpandla;
Ngiyokwenza kube nosizi olunjengesililo sokulilela indodana okuwukuphela kwayo,
Yeka ukuthi siyoba munyu kanjani isiphetho salolo suku.’
11 ‘Bhekani! Kuza izinsuku,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova,
‘Lapho ngiyothumela indlala ezweni,
Indlala okungeyona eyesinkwa, nokoma okungekona okokomela amanzi,
Kodwa okokuzwa amazwi kaJehova. +
12 Bayoyendayenda kusukela kolunye ulwandle kuya kolunye,
Kusukela enyakatho kuya empumalanga.
Bayozulazula befuna izwi likaJehova, kodwa ngeke balithole.
13 Ngalolo suku izintombi ezinhle ziyoquleka
Nezinsizwa ngokufanayo ngenxa yokoma;
14 Labo abafunga ngokuba necala kweSamariya, + abathi,
“Sifunga unkulunkulu wakho Dani!” +
Bathi futhi, “Sifunga indlela yaseBheri-sheba!” +
Bayowa bangaphinde bavuke.’ ” +