Eyesibili KwabaseKorinte
6 Njengoba sisebenza kanye naye, + siyanincenga nokuba ningawamukeli umusa omkhulu kaNkulunkulu bese nilahlekelwa injongo yawo. + 2 Ngoba yena uthi: “Ngesikhathi esamukelekayo ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza.” + Bhekani! Manje yiso isikhathi esamukeleka ngokukhethekile. Bhekani! Manje yilo usuku lwensindiso.
3 Asinikezi sizathu sokukhubeka nangayiphi indlela, ukuze kungatholakali phutha enkonzweni yethu; + 4 kodwa ngazo zonke izindlela sibonisa ukuthi siyizikhonzi zikaNkulunkulu, + ngokukhuthazelela izinto eziningi, ngezinsizi, ngezikhathi zokuswela, ngobunzima, + 5 ngokushaywa, ngokuboshwa, + ngeziyaluyalu, ngokusebenza kanzima, ngokuqwasha ebusuku, ngezikhathi zokungabi nakudla; + 6 ngokuhlanzeka, ngolwazi, ngokubekezela, + ngomusa, + ngomoya ongcwele, ngothando olungenabuzenzisi, + 7 ngenkulumo eyiqiniso, ngamandla kaNkulunkulu; + ngezikhali zokulunga + ezisesandleni sokudla* nakwesobunxele,* 8 ngenkazimulo nehlazo, ngombiko omubi nombiko omuhle. Sibhekwa njengabakhohlisi kodwa sibe sineqiniso, 9 njengabangaziwa kodwa sibe saziwa, njengabafayo* kodwa sibe siphila, + njengabajeziswayo* kodwa asinikelwa ekufeni, + 10 njengabadabukile kodwa sibe sijabula njalo, njengabampofu kodwa sibe senza abaningi bacebe, njengabangenalutho kodwa sibe sinazo zonke izinto. +
11 Sivule umlomo wethu ukuze sikhulume nani* bantu baseKorinte nenhliziyo yethu siyivule kakhulu. 12 Indlela esinibonisa ngayo uthando ayinamingcele, *+ kodwa olwenu uthando lunemingcele. 13 Ngenxa yalokho—ngikhuluma njengokungathi ngikhuluma nabantwana bami—nani vulani izinhliziyo zenu. *+
14 Ningaboshelwa ejokeni* nabangakholwa. + Ngoba kunabudlelwane buni ukulunga nokungalungi? + Noma, ukukhanya kunabudlelwane buni nobumnyama? + 15 Ngaphezu kwalokho, kunakuvumelana kuni phakathi kukaKristu noBheliyali? *+ Noma, umuntu okholwayo* uhlanganiswa yini nongakholwa? + 16 Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithixo? + Ngoba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo; + njengoba nje uNkulunkulu athi: “Ngiyohlala phakathi kwabo + ngihambe phakathi kwabo, ngiyoba uNkulunkulu wabo, bona bayoba abantu bami.” + 17 “ ‘Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nizihlukanise,’ kusho uJehova,* ‘niyeke ukuthinta into engcolile’ ”; + “ ‘ngizonamukela.’ ” + 18 “ ‘Mina ngiyoba uyihlo, + nina nibe amadodana namadodakazi kimi,’ + kusho uJehova,* uMninimandla Onke.”