106 Dumisani uJah!
Bongani uJehova, ngoba muhle; +
Ngoba uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +
2 Ubani ongayimemezela ngokugcwele imisebenzi yamandla kaJehova
Noma ongazimemezela zonke izenzo zakhe ezifanelwe udumo? +
3 Bayajabula labo abenza ngobulungisa,
Abenza okulungile + ngaso sonke isikhathi.
4 Ngikhumbule Jehova, lapho ubonisa abantu bakho umusa. +
Nginakekele ungisindise,
5 Ukuze ngibone ubuhle obubonisa abakhethiwe bakho, +
Ukuze ngijabule kanye nesizwe sakho,
Ukuze ngikudumise ngokuziqhenya kanye nefa lakho.
6 Sone ngokufana nse nokhokho bethu; +
Senze okungalungile; senze ngokukhohlakala. +
7 Okhokho bethu eGibhithe abazange bayazise imisebenzi yakho emangalisayo.
Abazange balukhumbule uthando lwakho oluqotho oluchichimayo,
Kodwa badlubulunda olwandle, ngasoLwandle Olubomvu. +
8 Wabasindisa ngenxa yegama lakhe, +
Ukuze enze amandla akhe aziwe. +
9 Walukhuza uLwandle Olubomvu, loma;
Wabahola banqamula ekujuleni kwalo njengokungathi bahamba ogwadule; +
10 Wabasindisa esandleni sesitha sabo +
Wabakhulula esandleni sesitha. +
11 Amanzi amboza izitha zabo;
Akekho noyedwa kuzo owasinda. +
12 Khona-ke baba nokholo esithembisweni sakhe; +
Baqala ukuhlabelela ingoma yokudumisa. +
13 Kodwa ngokushesha bakukhohlwa ayekwenzile; +
Abazange basilindele isiqondiso sakhe.
14 Bavumela ukulawulwa yisifiso sabo sobugovu ehlane; +
Bamvivinya uNkulunkulu ogwadule. +
15 Wabanika ababekucela,
Kodwa ngemva kwalokho wabashaya ngesifo esabenza bazaca futhi bafa. +
16 Baba nomona ngoMose ekamu
Nango-Aroni, + ongcwele kaJehova. +
17 Umhlaba wabe usuvuleka wagwinya uDathani
Wabagqiba labo ababezihlanganise no-Abhiramu. +
18 Umlilo walivuthela iqembu labo;
Ilangabi labashisa ababi. +
19 Benza ithole eHorebe
Bakhothamela isithombe sensimbi; +
20 Bakhetha umfanekiso wenkunzi edla utshani +
Esikhundleni senkazimulo yami.
21 Bamkhohlwa uNkulunkulu + uMsindisi wabo,
Owenza izinto ezinkulu eGibhithe, +
22 Imisebenzi emangalisayo ezweni likaHamu, +
Izenzo ezimangalisayo oLwandle Olubomvu. +
23 Wayesezothi mababhuqwe,
Kodwa uMose okhethiwe wakhe wamncenga
Ukuze anqande intukuthelo yakhe ebhubhisayo. +
24 Balidelela izwe elifiselekayo; +
Babengenalo ukholo esithembisweni sakhe. +
25 Babelokhu bekhononda ematendeni abo; +
Abazange balilalele izwi likaJehova. +
26 Ngakho waphakamisa isandla sakhe efunga ngokuphathelene nabo
Ukuthi wayezobenza bafele ehlane; +
27 Wayezokwenza inzalo yabo ife phakathi kwezizwe,
Ayihlakazele kwamanye amazwe. +
28 Bahlanganyela ekukhonzeni uBhali wasePheyori, +
Badla nemihlatshelo eyayinikelelwe abafile.
29 Bamcasula ngezenzo zabo, +
Ngakho kwaqubuka isishayo phakathi kwabo. +
30 Kodwa lapho uFinehasi esukuma engenela,
Isishayo sanqamuka. +
31 Wabhekwa njengolungile
Kuzo zonke izizukulwane kuze kube phakade. +
32 Bamcasula emanzini aseMeriba,
Ngakho kwamhambela kabi uMose ngenxa yabo. +
33 Bamenza waba munyu emoyeni,
Waphahluka ngezindebe zakhe. +
34 Abazange bazibhuqe izizwe, +
Njengoba uJehova ayebayalile. +
35 Kodwa bazihlanganisa nezizwe +
Benza ngokwezindlela zazo. +
36 Bakhonza izithixo zazo, +
Zona zaba ugibe kubo. +
37 Amadodana namadodakazi abo
Babewahlabela amademoni. +
38 Baqhubeka bechitha igazi elingenacala, +
Igazi lamadodana abo namadodakazi abo
Ababewahlabela izithixo zaseKhanani; +
Izwe langcoliswa ukuchithwa kwegazi.
39 Bangcola ngenxa yemisebenzi yabo;
Bafeba ngokomoya ngezenzo zabo. +
40 Ngakho intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu bakhe,
Walenyanya ifa lakhe.
41 Wabanikela ezizweni ngokuphindaphindiwe, +
Ukuze labo ababebazonda babuse phezu kwabo. +
42 Izitha zabo zabacindezela,
Baba ngaphansi kwegunya lazo.
43 Kaningi wayebakhulula, +
Kodwa bona babedlubulunda bangalaleli, +
Babehlazeka ngenxa yesiphambeko sabo. +
44 Kodwa wayekubona ukucindezeleka kwabo +
Ekuzwa ukukhalela kwabo usizo. +
45 Wayesikhumbula isivumelwano sakhe ngenxa yabo,
Wayebazwela ngenxa yobukhulu bothando lwakhe oluqotho. +
46 Wayenza ukuba babahawukele
Bonke labo ababebathumbile. +
47 O Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise, +
Usiqoqe ezizweni +
Ukuze sibonge igama lakho elingcwele
Sikudumise ngenjabulo. +
48 Kwangathi uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli angadunyiswa
Kusukela phakade kuze kube phakade. +
Bonke abantu mabathi, “Amen!”
Dumisani uJah!