Genesise
6 Manje lapho abantu beqala ukwanda emhlabeni futhi bezala amadodakazi, 2 amadodana kaNkulunkulu weqiniso* + aqaphela ukuthi amadodakazi abantu ayemahle. Ngakho azithathela wona aba abafazi bawo, wonke lawo ayewakhetha. 3 Ngemva kwalokho uJehova wathi: “Umoya wami ngeke umbekezelele kuze kube phakade umuntu, + ngoba umane nje uyinyama.* Ngakho izinsuku zakhe zizoba iminyaka engu-120.” +
4 Kwakukhona amaNefili* emhlabeni ngalezo zinsuku nakamuva. Phakathi naleso sikhathi amadodana kaNkulunkulu weqiniso aqhubeka elala namadodakazi abantu futhi ewazalela amadodana. Ayengabantu abanamandla bakudala, amadoda odumo.
5 Ngenxa yalokho, uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu babubukhulu emhlabeni nokuthi imicabango nezifiso zenhliziyo yakhe kwakukubi ngaso sonke isikhathi. + 6 UJehova wadabuka* ngokuthi wayenze abantu emhlabeni futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe. + 7 Ngakho uJehova wathi: “Ngizobaqeda nya emhlabeni abantu engibadalile, umuntu nezilwane ezifuywayo, izilwane ezihuquzelayo nezilwane ezindizayo zamazulu, ngoba ngiyadabuka ngokuthi ngikwenzile.” 8 Kodwa uNowa wathola umusa kuJehova.
9 Lona umlando kaNowa.
UNowa wayeyindoda elungile. + Akabanga naphutha* phakathi kwabantu besikhathi sakhe.* UNowa wahamba noNkulunkulu weqiniso. + 10 Ngemva kwesikhathi, uNowa wazala amadodana amathathu, uShemi, uHamu noJafete. + 11 Kodwa umhlaba wawusuwonakele emehlweni kaNkulunkulu weqiniso futhi wawusugcwele ubudlova. 12 UNkulunkulu wabuka umhlaba futhi wawonakalisiwe; + bonke abantu babenza izinto ezimbi kakhulu emhlabeni. +
13 Ngemva kwalokho uNkulunkulu wathi kuNowa: “Senginqume ukuqeda yonke inyama, ngoba umhlaba ugcwele ubudlova ngenxa yayo, ngakho ngiyayiqothula kanye nomhlaba. + 14 Zenzele umkhumbi* ngezingodo zesihlahla esikhipha inomfi. + Uzokwenza amakamelo emkhunjini uwuhuqe ngetiyela* + ngaphakathi nangaphandle. 15 Nansi indlela ozowenza ngayo: Umkhumbi kufanele ube amamitha angu-134 ubude, angu-22 ububanzi, nangu-13 ukuphakama. 16 Uzokwenza ifasitela* lomkhumbi ukuze kukhanye, cishe uhhafu wemitha uma usuka phezulu. Umnyango womkhumbi kufanele uwubeke ohlangothini lwawo, + umkhumbi uwenze ube nesitezi sokuqala, isitezi sesibili nesitezi sesithathu.
17 “Mina ngizoletha uzamcolo* + emhlabeni ukuze ngiqothule phansi kwamazulu yonke inyama okukhona kuyo umoya wokuphila. Konke okusemhlabeni kuzoshabalala. + 18 Ngenza nesivumelwano sami nawe, kumele ungene emkhunjini, wena namadodana akho, umkakho nabafazi bamadodana akho. + 19 Kufanele ungenise emkhunjini izilwane eziphilayo + ngazimbili zazo zonke izinhlobo ukuze uzigcine ziphila kanye nawe, esensikazi neseduna; + 20 ezilwaneni ezindizayo ngezinhlobo zazo, ezilwaneni ezifuywayo ngezinhlobo zazo, nakuzo zonke izilwane ezihuquzelayo zomhlaba ngezinhlobo zazo, kuyongena lapho kuwe ezimbili ohlotsheni ngalunye ukuze uzigcine ziphila. + 21 Wena-ke kumele uqoqe futhi uzithathele zonke izinhlobo zokudla ozokudla, + kube ukudla kwakho nokwezilwane.”
22 UNowa wenza konke uNkulunkulu ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje. +