Umthandazo kaDavide.
17 Yizwa isicelo sami sobulungisa, Jehova;
Naka ukukhalela kwami usizo;
Lalela umthandazo wami ongenayo inkohliso. +
2 Kwangathi ungangahlulela ngobulungisa; +
Kwangathi amehlo akho angabona okulungile.
3 Uyihlolile inhliziyo yami, ungihlolile ebusuku; +
Ungicwengile; +
Uzolokhu uthola ukuthi angizange ngicebe amacebo amabi,
Nomlomo wami awuzange wone.
4 Ngokungefani nokwenziwa abanye,
Ngiyazigwema izindlela zomphangi, ngokuvumelana namazwi ezindebe zakho. +
5 Izinyawo zami mazihambe ezindleleni zakho
Ukuze zingakhubeki. +
6 Ngiyakubiza, ngoba uzongiphendula, + Nkulunkulu.
Ngicela ungilalele. Yizwa amazwi ami. +
7 Bonisa uthando lwakho oluqotho ngendlela emangalisayo, +
Msindisi walabo abafuna isiphephelo esandleni sakho esinamandla
Kulabo abakuvukelayo.
8 Ngiqaphe njengenhlamvu yeso lakho; +
Ngifihle ngaphansi kwamaphiko akho. +
9 Ngiqaphe kwababi abangihlaselayo,
Ezitheni zami ezingizungezile ezifuna ukungibulala. +
10 Azisenalo uzwela;
Ziyaqhosha ngomlomo wazo;
11 Manje sezisihaqile; +
Zilindele ithuba lokusiwisa.
12 Omubi ufana nebhubesi elilangazelela ukudwengula isisulu,
Njengebhubesi eliselincane elilungele ukuhlasela.
13 O Jehova, vuka, ukuze ubhekane naye + umnqobe;
Ngikhulule kumuntu omubi ngenkemba yakho;
14 Ngikhulule ngesandla sakho, Jehova,
Kubantu baleli zwe, abakhathazeka ngezinto zalokhu kuphila, +
Labo obagcwalisa ngezinto ezinhle ezivela kuwe, +
Abashiyela amadodana abo amaningi ifa.
15 Kodwa mina ngenza okulungile, ngenxa yalokho ungibonisa umusa;
Ukwazi ukuthi unami kuyanganelisa. +