Numeri
28 UJehova wabe esethi kuMose: 2 “Yala ama-Israyeli, uthi kuwo, ‘Kufanele niqikelele ukuba ningilethele umnikelo wami, isinkwa sami. Iminikelo yami eshiswa emlilweni ukuba ibe iphunga elimnandi* kimi kumele yenziwe ngezikhathi zayo ezimisiwe.’ +
3 “Uyothi kuwo, ‘Lona umnikelo oshiswa emlilweni eniyowuletha kuJehova: amawundlu amabili angamaduna aphile kahle anonyaka owodwa ubudala, usuku ngalunye, abe umnikelo oshiswayo njalo. + 4 Elinye iwundlu leduna uyolinikela ekuseni, elinye ulinikele uma sekuhwalele, *+ 5 kanye nokweshumi kwe-efa* likafulawa ocolekile kube umnikelo wokudla okusanhlamvu oxutshwe nokwesine kwehini* lamafutha aphehliwe, kube umnikelo wokudla okusanhlamvu. + 6 Kuwumnikelo oshiswayo owenziwa njalo, + owaqala ukunikelwa eNtabeni iSinayi njengephunga elimnandi,* umnikelo oya kuJehova oshiswa emlilweni, 7 kanye nomnikelo wawo ophuzwayo, okwesine kwehini, ohambisana newundlu ngalinye leduna. + Thululela endaweni engcwele utshwala bube umnikelo ophuzwayo oya kuJehova. 8 Elinye iwundlu leduna uyolinikela uma sekuhwalele.* Uyolinikela nomnikelo wokudla okusanhlamvu ofanayo nowenziwe ekuseni nomnikelo walo ophuzwayo ofanayo, uyolinikela libe umnikelo oshiswa emlilweni ube iphunga elimnandi* kuJehova. +
9 “‘Nokho, ngosuku lweSabatha + kufanele kunikelwe ngamawundlu amabili eduna aphile kahle anonyaka owodwa ubudala nezingxenye ezimbili eshumini ze-efa likafulawa ocolekile oxutshwe namafutha kube umnikelo wokudla okusanhlamvu kanye nomnikelo wawo ophuzwayo. 10 Lona umnikelo oshiswayo wangeSabatha kanye nomnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo ophuzwayo. +
11 “‘Ekuqaleni kwenyanga ngayinye* niyoletha kuJehova amathole amabili eduna, inqama eyodwa namawundlu ayisikhombisa angamaduna aphile kahle, ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, kube umnikelo oshiswayo, + 12 nezilinganiso ezintathu eshumini zikafulawa ocolekile oxutshwe namafutha kube umnikelo wokudla okusanhlamvu + ngeduna ngalinye lenkomo, nezilinganiso ezimbili eshumini zikafulawa ocolekile oxutshwe namafutha kube umnikelo wokudla okusanhlamvu waleyo nqama eyodwa, + 13 nesilinganiso sokweshumi sikafulawa ocolekile oxutshwe namafutha kube umnikelo wokudla okusanhlamvu ngewundlu ngalinye leduna, kube umnikelo oshiswayo, iphunga elimnandi, *+ umnikelo oshiswa emlilweni oya kuJehova. 14 Iminikelo yayo ephuzwayo kufanele kube uhhafu wehini lewayini ngenkunzi + nengxenye yesithathu yehini ngenqama + nengxenye yesine yehini ngewundlu leduna. + Lona umnikelo oshiswayo okufanele ulethwe inyanga nenyanga onyakeni. 15 Kufanele kunikelwe nangezinyane elilodwa lembuzi libe umnikelo wesono oya kuJehova ngaphezu komnikelo oshiswayo owenziwa njalo kanye nomnikelo wawo ophuzwayo.
16 “‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku luka-14 lwenyanga, kuyoba iPhasika likaJehova. + 17 Ngosuku luka-15 lwale nyanga kuyoba nomkhosi. Izinsuku eziyisikhombisa kuyodliwa isinkwa esingenamvubelo. + 18 Ngosuku lokuqala kuyoba nomhlangano ongcwele. Akumele nenze umsebenzi okhandlayo. 19 Kumele nilethe kuJehova amathole amabili eduna, inqama eyodwa namawundlu ayisikhombisa angamaduna ngalinye elinonyaka owodwa ubudala kube umnikelo oshiswayo, oshiswa emlilweni. Kufanele ninikele ngezilwane eziphile kahle. + 20 Kufanele nikunikele neminikelo yako yokudla okusanhlamvu kafulawa ocolekile oxutshwe namafutha, + izilinganiso ezintathu eshumini ngenkunzi nezilinganiso ezimbili eshumini ngenqama. 21 Niyonikela ngesilinganiso sokweshumi ngokufanayo ngewundlu ngalinye leduna kula mawundlu angamaduna ayisikhombisa, 22 kanye nembuzi eyodwa ibe umnikelo wesono ukuze inenzele isihlawulelo. 23 Ngaphandle komnikelo oshiswayo wasekuseni, ongowomnikelo oshiswayo owenziwa njalo, nizonikela nalokhu. 24 Niyonikela ngalokhu ngendlela efanayo usuku ngalunye izinsuku eziyisikhombisa njengokudla,* umnikelo oshiswa emlilweni ube iphunga elimnandi* kuJehova. Kufanele unikelwe kanye nomnikelo oshiswayo owenziwa njalo, kanye nomnikelo wawo ophuzwayo. 25 Ngosuku lwesikhombisa kufanele nibe nomhlangano ongcwele. + Akumele nenze umsebenzi okhandlayo. +
26 “‘Ngosuku lwezithelo zokuqala ezivuthiwe, + lapho niletha umnikelo omusha wokudla okusanhlamvu kuJehova, + kufanele nibe nomhlangano ongcwele ngomkhosi wesivuno. + Akumele nenze umsebenzi okhandlayo. + 27 Niyoletha amathole amabili eduna, inqama eyodwa namawundlu ayisikhombisa angamaduna, ngalinye elinonyaka owodwa ubudala, kube umnikelo oshiswayo oyiphunga elimnandi* kuJehova, + 28 nanjengomnikelo wako wokudla okusanhlamvu kafulawa ocolekile oxutshwe namafutha, izilinganiso ezintathu eshumini ngenkunzi ngayinye, izilinganiso ezimbili eshumini ngenqama eyodwa, 29 isilinganiso esisodwa sokweshumi ngokufanayo ngewundlu ngalinye leduna kula mawundlu ayisikhombisa angamaduna, 30 kanye nezinyane elilodwa lembuzi ukuze linenzele isihlawulelo. + 31 Niyowunikela ngaphandle komnikelo oshiswayo owenziwa njalo nomnikelo wawo wokudla okusanhlamvu. Kufanele kube izilwane eziphile kahle + kanye neminikelo yako ephuzwayo.