Levitikusi
1 UJehova wabiza uMose wakhuluma naye esetendeni lokuhlangana, + wathi: 2 “Khuluma nama-Israyeli,* uthi kuwo, ‘Uma noma ubani kini eletha kuJehova umnikelo wezilwane ezifuywayo, kufanele alethe inkomo, imvu noma imbuzi. +
3 “‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo oshiswayo womhlambi wezinkomo, kufanele anikele ngeduna eliphile kahle. + Kufanele awulethe ngokuzithandela + phambi kukaJehova emnyango wetende lokuhlangana. 4 Kufanele abeke isandla sakhe ekhanda lomnikelo oshiswayo, uzokwamukelwa ngenxa yakhe ukuze enzelwe isihlawulelo.
5 “‘Khona-ke leli duna kumele lihlatshwe phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, + azoletha igazi alifafaze nxazonke ze-altare + elisemnyango wetende lokuhlangana. 6 Umnikelo oshiswayo kufanele uhlinzwe bese uyasikwa ube amaqatha amakhulu. *+ 7 Amadodana ka-Aroni, abapristi, kufanele abeke umlilo e-altare + futhi ahlele izinkuni emlilweni. 8 Amadodana ka-Aroni, abapristi, azobeka ngononina amaqatha omnikelo + kanye nekhanda nomhlwehlwe* phezu kwezinkuni ezisemlilweni e-altare. 9 Amathumbu namanqina awo kuyogezwa ngamanzi, umpristi kufanele awushunqise wonke e-altare njengomnikelo oshiswayo, umnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova. +
10 “‘Uma umnikelo wakhe oshiswayo ungowomhlambi wezimvu nezimbuzi, + kuyiwundlu noma izinyane lembuzi, kufanele alethe iduna eliphile kahle. + 11 Kufanele lihlatshelwe ohlangothini olusenyakatho lwe-altare phambi kukaJehova, futhi amadodana ka-Aroni, abapristi, azofafaza igazi lawo nxazonke ze-altare. + 12 Uzolisika libe amaqatha, ikhanda lalo nomhlwehlwe walo,* umpristi uzokubeka ngononina phezu kwezinkuni emlilweni ose-altare. 13 Uzogeza amathumbu namanqina alo ngamanzi, umpristi uzoliletha lonke alishunqise e-altare. Kungumnikelo oshiswayo, umnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova.
14 “‘Nokho, uma umnikelo wakhe oshiswayo awenzela uJehova kuyizinyoni, uzoletha umnikelo wamahobhe noma wamaphuphu amajuba. + 15 Umpristi uzowuletha e-altare awunqunte ikhanda futhi awushunqise e-altare, kodwa igazi lawo kufanele likhishelwe ohlangothini lwe-altare. 16 Kufanele asuse ingila nezimpaphe zawo akuphonse eceleni kwe-altare, ngasempumalanga, endaweni yomlotha. *+ 17 Umpristi uzowusika eduze kwamaphiko angawuhlukanisi ube izingxenye ezimbili. Ngemva kwalokho uzowushunqisa e-altare, phezu kwezinkuni ezisemlilweni. Kungumnikelo oshiswayo, umnikelo oshiswa emlilweni, oyiphunga elimnandi* kuJehova.