Kumqondisi. Ihubo likaDavide.
64 O Nkulunkulu, yizwa izwi lami njengoba ngikuncenga. +
Qapha ukuphila kwami ekuhlaseleni okuthusayo kwesitha.
2 Ngivikele emacebweni ayimfihlo abenzi bokubi, +
Esixukwini sabenza okubi.
3 Balola ulimi lwabo njengenkemba;
Bacija amazwi abo anonya njengemicibisholo,
4 Ukuze bacibishele ongenacala besekusithekeni;
Bamcibishela ngokushesha, abesabi.
5 Babambelela ezinhlosweni zabo ezimbi;
Bakhuluma ngendlela abazozifihla ngayo izicupho zabo.
Bathi: “Ubani ozozibona?” +
6 Bafuna izindlela ezintsha zokwenza okubi;
Bakha icebo lobuhlakani ngasese; +
Akuqondakali okusenhliziyweni yomuntu ngamunye.
7 Kodwa uNkulunkulu uyobacibishela; +
Bayolinyazwa yimicibisholo bengazelele.
8 Ulimi lwabo luyobangela ukuba bawe; +
Bonke abababonayo bayonikina amakhanda abo.
9 Bonke abantu bayokwesaba,
Bayomemezela ngalokho uNkulunkulu akwenzile,
Bayoziqonda izenzo zakhe. +
10 Olungile uyojabula ngoJehova, aphephele kuye; +
Bonke abaqotho enhliziyweni bayothokoza.