Eksodusi
2 Cishe ngaleso sikhathi, umuntu othile wendlu kaLevi washada indodakazi kaLevi. + 2 Lowo wesifazane wakhulelwa wazala indodana. Lapho ebona indlela eyayiyinhle ngayo, wayifihla izinyanga ezintathu. + 3 Lapho engasakwazi ukuyifihla, + wathatha ubhasikidi* womhlanga* wawuhuqa ngetiyela* wamfaka kuwo umntwana, wawubeka phakathi komhlanga ngasosebeni loMfula iNayile. 4 Kodwa udadewabo + womntwana wama buqamama ukuze abone ukuthi kwakuzokwenzekani kuye.
5 Lapho indodakazi kaFaro yehla iyogeza eMfuleni iNayile, izincekukazi zayo zazihamba eceleni kweNayile. Yabona ubhasikidi emhlangeni. Ngokushesha yathumela intombazane eyisigqila sayo ukuba iwulande. + 6 Lapho iwuvula, yabona umntwana womfana ekhala. Yamzwela, kodwa yathi: “Lo ungomunye wabantwana bamaHebheru.” 7 Udadewabo womntwana wathi endodakazini kaFaro: “Ngihambe yini ngiyobiza owesifazane oncelisayo kumaHebheru ukuze akuncelisele umntwana?” 8 Indodakazi kaFaro yathi kuye: “Hamba!” Intombazane yahamba ngaso leso sikhathi yabiza unina womntwana. + 9 Indodakazi kaFaro yabe seyithi kuye: “Thatha lo mntwana ungincelisele yena, ngizokukhokhela.” Ngakho owesifazane wamthatha umntwana wamncelisa. 10 Lapho esekhulile, wamletha endodakazini kaFaro, waba indodana yayo. + Yamqamba ngokuthi uMose* yathi: “Kungenxa yokuthi ngimkhiphe emanzini.” +
11 Kwathi ngalezo zinsuku, lapho uMose esemdala,* waphuma waya kubafowabo wabona indlela ababegqilazwa ngayo, + wabona nomGibhithe othile eshaya umHebheru, omunye wabafowabo. 12 Ngakho waqalaza ngapha nangapha, wangabona muntu, wayesebulala owaseGibhithe wamfihla esihlabathini. +
13 Waphuma ngosuku olulandelayo futhi kwakunamadoda amabili angamaHebheru ayelwa. Wathi kweyayinephutha: “Umshayelani umuntu wakini?” + 14 Yathi: “Ubani okwenze isikhulu nomahluleli phezu kwethu? Ingabe uhlose ukungibulala njengoba ubulale owaseGibhithe?” + UMose wethuka wathi: “Nakanjani le ndaba isiyaziwa!”
15 Ngemva kwalokho uFaro wezwa ngale ndaba, wazama ukubulala uMose; kodwa uMose wambalekela uFaro wayohlala ezweni lakwaMidiyani, + wafike wahlala phansi ngasemthonjeni. 16 Umpristi wakwaMidiyani + wayenamadodakazi ayisikhombisa, eza ezokha amanzi ukuze agcwalise imikhombe ukuze kuzophuza umhlambi kayise. 17 Njengokujwayelekile, abelusi bafika bawaxosha. UMose wasukuma wasiza* laba besifazane waphuzisa nomhlambi wabo. 18 Lapho befika ekhaya kuyise uRehuweli, *+ wababaza wathi: “Kwenzeke kanjani ukuba nibuye masinyane kangaka namhlanje?” 19 Athi: “Umuntu othile waseGibhithe + usikhululile kubelusi, uze wasikhelela namanzi waphuzisa umhlambi.” 20 Wathi emadodakazini akhe: “Pho uphi? Nimshiyeleni? Mbizeni azodla nathi.” 21 Ngemva kwalokho uMose wavuma ukuhlala nalo muntu, uRehuweli wamganisela uZiphora + indodakazi yakhe. 22 Kamuva wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uGereshomu, *+ ngoba wathi: “Ngibe isifiki kwelinye izwe.” +
23 Ngemva kwesikhathi eside,* inkosi yaseGibhithe yafa, + kodwa ama-Israyeli aqhubeka ebubula ngenxa yokugqilazwa, ekhala ekhononda, futhi ukukhalela kwawo usizo ngenxa yokugqilazwa kwaqhubeka kwenyukela kuNkulunkulu weqiniso. + 24 Ngokuhamba kwesikhathi, uNkulunkulu wakuzwa ukububula kwawo, + wakhumbula isivumelwano sakhe asenza no-Abrahama, u-Isaka noJakobe. + 25 Ngakho uNkulunkulu wawabheka ama-Israyeli; wasibona isimo sawo.