Eyesibili YeziKronike
14 Ngemva kwalokho u-Abhiya washona, wangcwatshwa eDolobheni LikaDavide; + u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. Ekuqaleni kokubusa kwakhe, izwe laba nokuthula iminyaka eyishumi.
2 U-Asa wenza okuhle nokulungile emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe. 3 Wasusa ama-altare + abanye onkulunkulu nezindawo eziphakeme, waphihliza izinsika ezingcwele + wanquma nezigxobo ezingcwele. *+ 4 Ngaphezu kwalokho, watshela uJuda ukuba afune uJehova uNkulunkulu wokhokho bakhe nokuba agcine uMthetho nomyalo. 5 Ngakho wasusa izindawo eziphakeme nezinti zezitsha zempepho + kuwo wonke amadolobha akwaJuda, umbuso waqhubeka ngaphandle kweziphazamiso ngaphansi kokubusa kwakhe. 6 Wakha amadolobha anezivikelo eziqinile kwaJuda, + ngoba izwe lalingenaziphazamiso futhi akukho bantu abalwa naye phakathi nale minyaka, ngoba uJehova wamnika ukuphumula. + 7 Wathi kuJuda: “Masakhe la madolobha siwenze azungezwe izindonga nemibhoshongo, + amasango* nemigoqo. Izwe lisesezandleni zethu ngoba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu. Simfunile, yena usinike ukuphumula kuzo zonke izitha zethu ezisizungezile.” Ngakho umsebenzi wabo wokwakha waba impumelelo. +
8 U-Asa wayenebutho lamadoda akwaJuda angu-300 000, lihlome ngamahawu amakhulu nemikhonto. KwaBhenjamini kwakunamaqhawe anamandla angu-280 000 ayephatha amahawu,* ehlome ngeminsalo. +
9 Kamuva uZera umTopiya waphuma eyobahlasela enebutho lamadoda angu-1 000 000 nezinqola ezingu-300. + Lapho efika eMareshahi, + 10 u-Asa waphuma wayolwa naye, balungela impi eSigodini SaseZefata eMareshahi. 11 U-Asa wabe esebiza uJehova uNkulunkulu wakhe + wathi: “O Jehova, akunandaba kuwe ukuthi labo obasizayo baningi noma abanamandla. + O Jehova Nkulunkulu wethu, sisize ngoba sithembele* kuwe, + sizolwa nalesi sixuku egameni lakho. + O Jehova, wena unguNkulunkulu wethu. Ungamvumeli umuntu ofayo abe namandla kunawe.” +
12 Ngakho uJehova wawahlula amaTopiya phambi kuka-Asa naphambi kukaJuda, amaTopiya abaleka. + 13 U-Asa nabantu ababenaye bawajaha baze bafika eGerari, + amaTopiya ayelokhu ewa aze afa wonke, ngoba aphihlizwa uJehova nebutho lakhe. Ngemva kwalokho baphanga impahla eningi kakhulu. 14 Ngaphezu kwalokho, baqothula wonke amadolobha azungeze iGerari, ngoba uJehova wawenza esaba lawo madolobha; bawaphanga wonke ngoba kwakukuningi ababengakuphanga kuwo. 15 Bahlasela namatende alabo ababenemfuyo, bathumba isibalo esikhulu semihlambi yezimvu namakamela, okwathi ngemva kwalokho babuyela eJerusalema.