Numeri
32 Manje abantwana bakwaRubeni + nabantwana bakwaGadi + babenemfuyo eningi kakhulu, babona ukuthi izwe laseJazeri + nelakwaGileyadi ayeyindawo ekahle yokufuya. 2 Ngakho abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baya kuMose, u-Eleyazare umpristi nasezikhulwini zenhlangano bafike bathi: 3 “I-Atharoti, iDiboni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, + i-Eliyale, iSebamu, iNebo + neBheyoni, + 4 izindawo uJehova azinqoba phambi kwenhlangano yakwa-Israyeli, + ziyizindawo ezikahle zemfuyo futhi izinceku zakho zinemfuyo eningi.” + 5 Baqhubeka bathi: “Uma sithole umusa kuwe, le ndawo mayinikwe izinceku zakho njengefa. Ungasiwelisi iJordani.”
6 UMose wathi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Ingabe abafowenu bazoya empini nina nibe niqhubeka nihleli lapha? 7 Kungani kufanele nibaqede amandla abantu bakwa-Israyeli ukuba bangaweleli ezweni uJehova azobanika lona nakanjani? 8 Yilokho oyihlo abakwenza lapho ngibathuma ukuba bayobona izwe besuka eKadeshi-barineya. + 9 Lapho benyukela eSigodini* Sase-Eshikoli + futhi bebona izwe, babaqeda amandla abantu bakwa-Israyeli ukuze bangangeni ezweni uJehova ayezobanika lona. + 10 Ngalolo suku intukuthelo kaJehova yavutha waze wafunga, + wathi: 11 ‘Amadoda akhuphuka ephuma eGibhithe asukela eminyakeni engu-20 ubudala kuya phezulu ngeke alibone izwe + engafunga ukulinika u-Abrahama, u-Isaka noJakobe, + ngoba awazange angilandele ngenhliziyo ephelele— 12 ngaphandle kukaKalebi + indodana kaJefune umKhenizi noJoshuwa + indodana kaNuni, ngoba baye balandela uJehova ngenhliziyo ephelele.’ + 13 Ngakho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli wamenza wazulazula ehlane iminyaka engu-40, + saze saphela sonke isizukulwane esasenza okubi emehlweni kaJehova. + 14 Manje senenza lokhu okwakwenziwa oyihlo njengenzalo yabantu abanesono abandisa intukuthelo kaJehova evuthayo ngokumelene no-Israyeli. 15 Uma niyeka ukumlandela, naye uzophinde abashiye nakanjani ehlane futhi niyobangela incithakalo kuso sonke lesi sizwe.”
16 Kamuva basondela kuye bathi: “Sivumele sakhe lapha izibaya zamatshe zemfuyo yethu namadolobha ezingane zethu. 17 Kodwa sizoqhubeka silungele impi + futhi sizohamba phambi kwama-Israyeli kuze kube yilapho sesiwafikise endaweni yawo, izingane zethu zona zizobe zihleli emadolobheni anezivikelo eziqinile, zivikelekile kwabakhe ezweni. 18 Ngeke sibuyele ezindlini zethu kuze kube yilapho umIsrayeli ngamunye esethole indawo yakhe njengefa. + 19 Ngoba ngeke sithole ifa kanye nawo ngaphesheya kweJordani nangale kwalo, ngoba silitholile ifa lethu empumalanga yeJordani.” +
20 UMose wabaphendula: “Uma nizokwenza lokhu: Thathani izikhali zempi phambi kukaJehova; + 21 futhi uma wonke umuntu kini ethatha izikhali awele iJordani phambi kukaJehova ngesikhathi exosha izitha zakhe phambi kwakhe + 22 kuze kube yilapho izwe linqotshwa phambi kukaJehova, + ningabuya + ningabi nacala phambi kukaJehova no-Israyeli. Leli zwe liyobe seliba yifa lenu phambi kukaJehova. + 23 Kodwa uma ningakwenzi lokhu, niyobe nonile kuJehova. Kufanele nazi ukuthi isono senu sizonifica. 24 Ngakho ningazakhela izingane zenu amadolobha nemihlambi yenu izibaya, + kodwa kumele nikwenze enikuthembisile.”
25 Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni basho lokhu kuMose: “Izinceku zakho zizokwenza njengoba nje inkosi yami iyala. 26 Izingane zethu, omkethu, imfuyo yethu nazo zonke izilwane zethu ezifuywayo kuzohlala lapho emadolobheni aseGileyadi, + 27 kodwa izinceku zakho zizowelela ngaphesheya, yonke indoda ehlomele impi phambi kukaJehova, + njengoba nje inkosi yami ikhuluma.”
28 Ngakho uMose wakhipha umyalo ngokuqondene nabo ku-Eleyazare umpristi, kuJoshuwa indodana kaNuni nasezinhlokweni zezindlu zoyise bezizwe zama-Israyeli. 29 UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela iJordani kanye nani, wonke amadoda ahlomele impi phambi kukaJehova, futhi izwe linqotshwa phambi kwenu, khona-ke niyobanika izwe lakwaGileyadi njengefa. + 30 Kodwa uma bengazithathi izikhali bawele kanye nani, bayohlala phakathi kwenu ezweni laseKhanani.”
31 Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula, bathi: “Sizokwenza lokho uJehova akukhulumile ezincekwini zakho. 32 Sizothatha izikhali siwele phambi kukaJehova siye ezweni laseKhanani, + kodwa ifa lethu lizoba sempumalanga yeJordani.” 33 Ngakho uMose wabanika—abantwana bakwaGadi, abantwana bakwaRubeni + nohhafu wesizwe sakwaManase + indodana kaJosefa—umbuso kaSihoni + inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi + inkosi yaseBhashani, izwe namadolobha alo ezindaweni zakhona, namadolobha ezwe elizungezile.
34 Abantwana bakwaGadi bakha* iDiboni, + i-Atharoti, + i-Aroweri, + 35 i-Athiroti-shofani, iJazeri, + iJogibeha, + 36 iBheti-nimra + neBheti-harana, + amadolobha anezivikelo eziqinile, bakha nezibaya zamatshe zemihlambi. 37 Abantwana bakwaRubeni bakha amadolobha iHeshibhoni, + i-Eliyale, + iKiriyatayimi, + 38 iNebo + neBhali-mehoni +—njengoba amagama awo ashintshwa—neSibhima; baqala ukuqamba amagama amadolobha abawakha kabusha.
39 Abantwana bakwaMakiri + indodana kaManase bahamba bayohlasela iGileyadi balithumba, baxosha ama-Amori ayekulo. 40 Ngakho uMose walinika uMakiri indodana kaManase iGileyadi, wahlala kulo. + 41 UJayire indodana kaManase wahamba wayolihlasela wathumba amadolobhana alo, wawaqamba ngokuthi iHavoti-jayire. *+ 42 UNoba wahamba wayohlasela iKhenati, walithumba namadolobha angaphansi kwalo,* waliqamba ngegama lakhe elithi Noba.