Joshuwa
13 Manje uJoshuwa wayesegugile, iminyaka isihambile. + Ngakho uJehova wathi kuye: “Wena usugugile neminyaka yakho isihambile, kodwa kusasele indawo enkulu okumele idliwe.* 2 Nansi indawo esasele: + zonke izindawo zamaFilisti nazo zonke ezamaGeshuri + 3 (ukusuka lapho kuhlukana khona iNayile* ngasempumalanga* yeGibhithe kuze kube semngceleni wase-Ekroni enyakatho, okuyindawo eyayibhekwa njengeyamaKhanani); + kuhlanganise nezamakhosi amahlanu amaFilisti +—iGaza, i-Ashidodi, + i-Ashikeloni, + iGiti + ne-Ekroni; + ezama-Avi + 4 ngaseningizimu; lonke izwe lamaKhanani; iMeyara, engeyabaseSidoni, + kuze kube se-Afeki engasemngceleni wama-Amori; 5 izwe lamaGebhali + nayo yonke ingxenye yeLebhanoni esempumalanga, kusukela eBhali-gadi phansi kweNtaba iHermoni kuya eLebo-hamati; *+ 6 izindawo ezisezintabeni kusukela eLebhanoni + kuze kube seMisirefoti-mayimi; + nayo yonke indawo yamaSidoni. + Ngizothatha izwe labo ngilinike ama-Israyeli. + Wena nje kufanele ulabele ama-Israyeli libe yifa lawo, njengoba nje ngikuyalile. + 7 Kumele uhlukanise leli zwe libe yifa lezizwe ezingu-9 kanye nohhafu wesizwe sakwaManase.” +
8 AbakwaRubeni, abakwaGadi kanye nomunye uhhafu wesizwe sakwaManase balithatha ifa labo abalinikwa uMose ngasempumalanga yeJordani, njengoba nje uMose inceku kaJehova ayebanike lona: + 9 kusukela e-Aroweri, + elisonqenqemeni lweSigodi* Sase-Arinoni + nasedolobheni eliphakathi nesigodi, nalo lonke izwe elisethafeni* laseMedeba kuze kufike eDiboni; 10 nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori, owayebusa eHeshibhoni, kuze kufike emngceleni wabakwa-Amoni; + 11 kanye neGileyadi nendawo yamaGeshuri namaMahakhati + nayo yonke iNtaba iHermoni nalo lonke iBhashani + kuze kufike eSaleka; + 12 yonke indawo eyayibuswa u-Ogi eBhashani, owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi. (Wayephakathi kwamaRefa okugcina.) + UMose wabanqoba wathatha izwe labo. *+ 13 Kodwa ama-Israyeli awawaxoshanga *+ amaGeshuri namaMahakhati, ngoba amaGeshuri namaMahakhati asahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.
14 Yisizwe samaLevi kuphela angasinikanga ifa. + Iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli eshiswa emlilweni iyona eyifa laso, + njengoba nje ayesithembisile. +
15 UMose wanika isizwe sakwaRubeni ifa ngokwemindeni yaso, 16 indawo yaso yayiqala e-Aroweri, elisonqenqemeni lweSigodi Sase-Arinoni, nasedolobheni eliphakathi nesigodi, nalo lonke izwe elisethafeni* laseMedeba; 17 iHeshibhoni nawo wonke amadolobhana alo + asethafeni, iDiboni, iBhamoti-bhali, iBheti-bhali-mehoni, + 18 iJahazi, + iKedemoti, + iMefahati, + 19 iKiriyatayimi, iSibhima, + iZereti-shahari elisentabeni engasesigodini,* 20 iBheti-peyori, izindawo ezigudle iPhisiga, + iBheti-jeshimoti, + 21 wonke amadolobha asethafeni, nayo yonke indawo ebuswa uSihoni inkosi yama-Amori, owayebusa eHeshibhoni. + UMose wamnqoba + kanye nezikhulu zakwaMidiyani, u-Evi, uRekemi, uZuri, uHure noRebha, + amakhosi ayengaphansi kukaSihoni ayehlala kulelo zwe. 22 UBhalami + indodana kaBheyori, isangoma, + wabulawa ama-Israyeli ngenkemba kanye nabo bonke abanye ababulawa. 23 Umngcele wabakwaRubeni kwakuyiJordani; le ndawo yayiyifa labakwaRubeni ngokwemindeni yabo, kanye namadolobha ayo nemizi engaphansi kwawo.
24 Ngaphezu kwalokho, uMose wabela isizwe sakwaGadi ifa, abakwaGadi ngokwemindeni yabo, 25 indawo yabo yayihlanganisa iJazeri + nawo wonke amadolobha aseGileyadi kanye nengxenye yezwe lakwa-Amoni + kuze kufike e-Aroweri, elingaseRaba; + 26 nokusuka eHeshibhoni + kuze kube seRamati-mispe naseBethonimi naseMahanayimi + kuze kube semngceleni weDebhiri; 27 nasesigodini,* eBheti-haramu, eBheti-nimra, + eSukoti + naseZafoni, yonke indawo ebuswa uSihoni inkosi yaseHeshibhoni, + iJordani liwumngcele ukusuka emaphethelweni oLwandle LwaseKhinereti *+ empumalanga yeJordani. 28 Leli zwe laliyifa labakwaGadi ngokwemindeni yabo, kanye namadolobha alo nemizi engaphansi kwawo.
29 Ngaphezu kwalokho, uMose wabela uhhafu wesizwe sakwaManase ifa, laba elohhafu wesizwe sakwaManase ngokwemindeni yabo. + 30 Indawo yabo yayiqala eMahanayimi + ihlanganise lonke iBhashani, yonke indawo eyayibuswa u-Ogi inkosi yaseBhashani, nayo yonke imizi engamatende kaJayire + eBhashani, amadolobhana angu-60. 31 Uhhafu weGileyadi ne-Ashitaroti ne-Edireyi, + amadolobha ayebuswa u-Ogi eBhashani, kwabelwa amadodana kaMakiri + indodana kaManase, uhhafu wamadodana kaMakiri ngokwemindeni yawo.
32 Lawa amafa uMose abanika wona emathafeni awugwadule akwaMowabi ngaphesheya kweJordani, empumalanga yeJeriko. +
33 Kodwa uMose akasinikanga ifa isizwe samaLevi. + UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyena oyifa laso, njengoba nje asithembisa. +