INgoma Yokwenyuka.
121 Ngiphakamisela amehlo ami ezintabeni. +
Usizo lwami luvelaphi?
2 Usizo lwami luvela kuJehova, +
UMenzi wezulu nomhlaba.
3 Akasoze avumela unyawo lwakho lushelele. +
Lowo okuqaphile akasoze ozela.
4 Bheka! Ngeke ozele noma alale,
Lowo oqaphe u-Israyeli. +
5 UJehova ukuqaphile.
UJehova ungumthunzi + esandleni sakho sokudla. +
6 Emini ilanga ngeke likuhlabe, +
Noma inyanga ebusuku. +
7 UJehova uyokuvikela ezingozini. +
Uyoqapha ukuphila kwakho. +
8 UJehova uyokuqapha kukho konke okwenzayo
Kusukela manje kuze kube phakade.