Genesise
11 Bonke abantu emhlabeni babekhuluma ulimi olulodwa, beneqoqo elilodwa lamagama.* 2 Njengoba beya ngasempumalanga, bathola ithafa ezweni laseShinari, + bahlala khona. 3 Ngemva kwalokho bathi omunye komunye: “Wozani! Masenze izitini sizibhake ngomlilo.” Ngakho basebenzisa izitini esikhundleni setshe, netiyela laba udaka lwabo. 4 Base bethi: “Wozani! Masizakhele idolobha nombhoshongo onesiqongo esisemazulwini, sizenzele igama, ukuze singahlakazeki kuwo wonke umhlaba.” +
5 UJehova wabe esehla ukuze abone idolobha nombhoshongo abantu ababewakhile. 6 Ngemva kwalokho uJehova wathi: “Bayisizwe esisodwa esikhuluma ulimi olulodwa + futhi yilokhu asebeqale ukukwenza. Manje akukho lutho abangase bacabange ukulwenza oluyobehlula. 7 Masehle + siphithanise ulimi lwabo ukuze bangaluqondi ulimi lomunye nomunye.” 8 Ngakho ukusuka lapho uJehova wabahlakazela kuwo wonke umhlaba, + kancane kancane bayeka ukwakha lelo dolobha. 9 Yingakho laqanjwa ngokuthi yiBhabhele,* + ngenxa yokuthi uJehova waluphithanisa khona ulimi lomhlaba wonke, futhi uJehova wabahlakaza basuka lapho baya kuwo wonke umhlaba.
UShemi wayeneminyaka engu-100 ubudala lapho ezala u-Arpakishade + eminyakeni emibili ngemva kukaZamcolo. 11 Ngemva kokuzala u-Arpakishade, uShemi waphila iminyaka engu-500. Wazala amadodana namadodakazi. +
12 U-Arpakishade waphila iminyaka engu-35, wayesezala uShela. + 13 Ngemva kokuzala uShela, u-Arpakishade waphila iminyaka engu-403. Wazala amadodana namadodakazi.
14 UShela waphila iminyaka engu-30, wayesezala u-Ebhere. + 15 Ngemva kokuzala u-Ebhere, uShela waphila iminyaka engu-403. Wazala amadodana namadodakazi.
16 U-Ebhere waphila iminyaka engu-34, wayesezala uPhelege. + 17 Ngemva kokuzala uPhelege, u-Ebhere waphila iminyaka engu-430. Wazala amadodana namadodakazi.
18 UPhelege waphila iminyaka engu-30, wayesezala uRehu. + 19 Ngemva kokuzala uRehu, uPhelege waphila iminyaka engu-209. Wazala amadodana namadodakazi.
20 URehu waphila iminyaka engu-32, wayesezala uSerugi. 21 Ngemva kokuzala uSerugi, uRehu waphila iminyaka engu-207. Wazala amadodana namadodakazi.
22 USerugi waphila iminyaka engu-30, wayesezala uNahori. 23 Ngemva kokuzala uNahori, uSerugi waphila iminyaka engu-200. Wazala amadodana namadodakazi.
24 UNahori waphila iminyaka engu-29, wayesezala uThera. + 25 Ngemva kokuzala uThera, uNahori waphila iminyaka engu-119. Wazala amadodana namadodakazi.
26 UThera waphila iminyaka engu-70, okwathi ngemva kwayo wazala u-Abrama, + uNahori + noHarana.
27 Lona umlando kaThera.
UThera wazala u-Abrama, uNahori noHarana; uHarana wazala uLoti. + 28 Ngesikhathi uyise kaThera esaphila, uHarana wafela ezweni azalelwa kulo, e-Uri + lamaKhaledi. + 29 U-Abrama noNahori bazithathela abafazi. Igama lomka-Abrama kwakunguSarayi, + igama lomkaNahori kunguMilka, + indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noJiska. 30 USarayi wayeyinyumba, + engenamntwana.
31 Ngemva kwalokho uThera wathatha u-Abrama indodana yakhe noLoti umzukulu wakhe, + indodana kaHarana, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, baphuma naye e-Uri lamaKhaledi baya ezweni laseKhanani. + Ngemva kwesikhathi bafika eHarana + bahlala khona. 32 Izinsuku zikaThera zaba yiminyaka engu-205. Ngemva kwalokho uThera wafela eHarana.