Eyesibili KaSamuweli
2 Ngemva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, + wathi: “Ngikhuphukele yini kwelinye lamadolobha akwaJuda?” UJehova wathi kuye: “Khuphuka.” UDavide wayesethi: “Ngiye kuphi?” Waphendula wathi: “EHebroni.” + 2 Ngakho uDavide wakhuphukela khona nabafazi bakhe ababili, u-Ahinohama + waseJizreyeli no-Abhigayili + waseKarmeli, umfelokazi kaNabali. 3 UDavide wakhuphuka namadoda ayekanye naye, + yileyo naleyo nomndeni wayo, afike ahlala emadolobheni akhelene neHebroni. 4 Kweza amadoda akwaJuda afike agcoba uDavide lapho njengenkosi phezu kwendlu kaJuda. +
UDavide wabikelwa kwathiwa: “Amadoda aseJabeshi-gileyadi yiwo angcwabe uSawule.” 5 Ngakho uDavide wathumela izithunywa emadodeni aseJabeshi-gileyadi wathi kuwo: “Kwangathi uJehova anganibusisa, ngenxa yokuthi niyibonise uthando oluqotho inkosi yenu uSawule ngokuyingcwaba. + 6 Kwangathi uJehova anganibonisa uthando oluqotho nokwethembeka. Nami ngizonibonisa umusa ngenxa yalokhu enikwenzile. + 7 Manje qinani nibe nesibindi, ngoba inkosi yenu uSawule ifile, indlu kaJuda igcobe mina ukuba ngibe yinkosi phezu kwayo.”
8 Kodwa u-Abhineri + indodana kaNeri, induna yebutho likaSawule, wayethathe u-Ishi-bhosheti + indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi, + 9 wafike wambeka inkosi phezu kweGileyadi, + phezu kwama-Ashuri, phezu kweJizreyeli, + phezu kuka-Efrayimi, + phezu kukaBhenjamini naphezu kwawo wonke u-Israyeli. 10 U-Ishi-bhosheti, indodana kaSawule, wayeneminyaka engu-40 ubudala lapho eba yinkosi phezu kuka-Israyeli, wabusa iminyaka emibili. Nokho, indlu kaJuda yona yasekela uDavide. + 11 Isikhathi* uDavide asibusa eHebroni phezu kwendlu kaJuda kwaba yiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. +
12 Ngokuhamba kwesikhathi u-Abhineri indodana kaNeri nezinceku zika-Ishi-bhosheti, indodana kaSawule, baphuma eMahanayimi + baya eGibheyoni. + 13 UJowabe + indodana kaZeruya + kanye nezinceku zikaDavide nabo baphuma bafike bahlangana nabo ngasechibini laseGibheyoni; elinye ibutho lahlala nganeno kwechibi, elinye lahlala ngaphesheya kwechibi. 14 Ekugcineni u-Abhineri wathi kuJowabe: “Mazisukume izinsizwa, zilwe* phambi kwethu.” UJowabe waphendula wathi: “Kulungile mazisukume.” 15 Ngakho basukuma bakhetha izinsizwa ezingu-12 zakwaBhenjamini ebuthweni lika-Ishi-bhosheti, indodana kaSawule, nezingu-12 ezincekwini zikaDavide. 16 Zabambana ngezihluthu, ngayinye yagadla ngenkemba ohlangothini lwaleyo elwa nayo, zonke zawa kanyekanye. Ngakho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati-hazurimi. Leyo ndawo iseGibheyoni.
17 Impi eyasuka ngalolo suku yashuba kakhulu, ekugcineni izinceku zikaDavide zamnqoba u-Abhineri namadoda akwa-Israyeli. 18 Amadodana amathathu kaZeruya + nawo ayelapho—uJowabe, + u-Abhishayi + no-Asaheli; + u-Asaheli wayenejubane njengensephe* yasendle. 19 U-Asaheli wamjaha u-Abhineri, akachezukelanga ngakwesokudla noma ngakwesobunxele njengoba ejaha u-Abhineri. 20 Lapho u-Abhineri ebheka emuva, wathi: “Ngu-Asaheli yini lowo?” yena wathi: “Yebo yimina.” 21 U-Abhineri wathi kuye: “Chezuka uye ngakwesokudla noma ngakwesobunxele ubambe enye yezinsizwa, uzithathele impango kuyo.” Kodwa u-Asaheli akavumanga ukuyeka ukumjaha. 22 Ngakho u-Abhineri waphinda futhi wathi ku-Asaheli: “Yeka ukungijaha, ngale kwalokho ngizokubulala. Ngizobe sengimbhekelwa ubani umfowenu uJowabe?” 23 Kodwa wayelokhu enqaba ukuyeka ukumjaha, ngakho u-Abhineri wamgwaza esiswini ngesidunu somkhonto, + umkhonto wayophumela emhlane; wawa wafela khona lapho. Wonke umuntu owayefika endaweni u-Asaheli ayefele kuyo, wayefike ame kancane.
24 UJowabe no-Abhishayi bamjaha u-Abhineri. Lapho ilanga selishona, bafika egqumeni lase-Ama, eliphambi kwaseGiya endleleni eya ehlane laseGibheyoni. 25 AbakwaBhenjamini baqoqana ngemva kuka-Abhineri, baba yiviyo elilodwa, bama phezu kwelinye lamagquma. 26 U-Abhineri wayesememeza uJowabe wathi: “Niyobulalana ngezinkemba kuze kube nini? Awazi yini ukuthi le nto izophetha ngosizi? Pho kuyoze kube nini ungabatsheli abantu ukuba bayeke ukujaha abafowabo?” 27 UJowabe waphendula wathi: “Ngimfunge uNkulunkulu weqiniso, ukube awuzange ukhulume, abantu bebeyoze bayekiswe ekuseni ukujaha abafowabo.” 28 UJowabe washaya uphondo, ibutho lakhe layeka ukujaha u-Israyeli, impi yanqamuka.
29 Ngemva kwalokho u-Abhineri namadoda ayengaphansi kwakhe, bahamba badabula i-Araba + bonke lobo busuku bawela iJordani badabula sonke leso sigodi* baze bayofika eMahanayimi. + 30 Ngemva kokuba uJowabe eseyekile ukujaha u-Abhineri, wabuthela bonke abantu ndawonye. Ezincekwini zikaDavide, kwakufe abangu-19 kanye no-Asaheli. 31 Kodwa izinceku zikaDavide zazibanqobile abakwaBhenjamini nezinsizwa zika-Abhineri futhi kwakufe amadoda angu-360 kubo. 32 Bamthatha u-Asaheli + bamngcwaba endaweni yokungcwaba kayise, eseBhetlehema. + Ngemva kwalokho uJowabe nezinsizwa zakhe bahamba ubusuku bonke, kwasa sebeseHebroni. +