UHoseya
8 “Faka uphondo emlonyeni wakho! +
Umuntu uza njengokhozi amelane nendlu kaJehova, +
Ngenxa yokuthi baphule isivumelwano sami + beqa nomthetho wami. +
2 Bakhala kimi bathi, ‘Nkulunkulu wethu, thina Israyeli siyakwazi!’ +
3 U-Israyeli wenqabe okuhle. +
Umuntu oyisitha makamjahe.
4 Bamise amakhosi, kodwa hhayi ngelungiselelo lami.
Bamise izikhulu ngaphandle kwemvume yami.
5 O Samariya, ithole lakho lilahliwe. +
Ngibathukuthelele kakhulu. +
Kuyoze kube nini bengakwazi ukuba msulwa?*
6 Ngoba lokhu kuvela kwa-Israyeli.
Kwenziwe yingcweti, hhayi uNkulunkulu;
Ithole laseSamariya liyokwenziwa izicucu.
Noma yini emilile ngeke ikukhiqize ukudla; +
Noma yini emilayo ngeke iveze ufulawa.
Uma kungaba khona okukhiqizwayo, abantu bezinye izizwe* bayokugwinya. +
Manje uzoba phakathi kwezizwe +
Njengesitsha esingafunwa muntu.
9 Ngoba ukhuphukele e-Asiriya, + njengembongolo yasendle ezihambela indlela yayo.
U-Efrayimi uqashe abesifazane baba yizithandwa zakhe. +
10 Nakuba ebaqasha phakathi kwezizwe,
Manje sengizobaqoqela ndawonye;
Bazohlupheka + ngenxa yomthwalo osindayo abawuthwaliswe yinkosi nezikhulu.
11 Ngoba u-Efrayimi wandise ama-altare ukuze one. +
Aba ama-altare akhe okona. +
Manje uzosikhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo. +
14 U-Israyeli umkhohliwe uMenzi wakhe + wakha amathempeli, +
UJuda wandise amadolobha anezivikelo eziqinile. +
Kodwa ngizothumela umlilo emadolobheni akhe,
Uzoshwabadela imibhoshongo yedolobha ngalinye.” +