UHoseya
10 “U-Israyeli uyisihlahla samagilebhisi esiwohlokayo* esithela izithelo. +
Lapho izithelo zakhe zanda, kuba yilapho andisa khona ama-altare akhe; +
Lapho izwe lakhe likhiqiza kahle, kuba yilapho izinsika zakhe ezingcwele ziba zinhle khona. +
2 Inhliziyo yakhe iyazenzisa;
Manje uzotholakala enecala.
Ukhona oyowaphula ama-altare akhe aphihlize nezinsika zakhe.
3 Manje uzothi, ‘Asinayo inkosi + ngoba asizange simesabe uJehova.
Inkosi ingasenzelani?’
4 Bakhuluma amazwi angathi shu, benze izifungo zamanga + nezivumelwano;
Ngakho isahlulelo esihlumayo sifana nokhula oluwushevu olusemiseleni yensimu. +
5 Abahlala eSamariya bayokwesaba ngenxa yesithixo sethole saseBheti-aveni. +
Abantu bakhona bayosililela,
Kanjalo nabapristi balo bonkulunkulu bezinye izizwe ababejabula ngaso nangenkazimulo yaso,
Ngoba iyosuka kubo iye ekudingisweni.
6 Siyolethwa e-Asiriya sibe isipho senkosi enkulu. +
U-Efrayimi uyothelwa ngehlazo,
U-Israyeli uyoba namahloni ngenxa yeseluleko asilandelile. +
8 Izindawo eziphakeme zaseBheti-aveni, + eziyisono sika-Israyeli, + ziyobhuqwa. +
Kuyomila ameva nokhula ema-altare azo. +
Abantu bayothi ezintabeni, ‘Simbozeni!’
Emagqumeni bathi, ‘Welani phezu kwethu!’ +
9 O Israyeli, kusukela ezinsukwini zaseGibheya wonile. +
Abantu baqhubeka benza isono esifanayo.
Impi ayizange iwaqothule* amadodana okungalungi eGibheya.
10 Ngiyowayala futhi lapho sengithanda.
Izizwe ziyoqoqana zimelane nawo
Lapho iziphambeko zawo ezimbili ziboshelwa kuwo.*
11 U-Efrayimi wayeyisithole esiqeqeshiwe esithanda ukubhula,
Ngakho ngasindisa intamo yaso enhle.
Manje ngiyokwenza othile agibele* u-Efrayimi. +
UJuda uyolima; uJakobe uyomhlelembela umhlabathi.
12 Zihlwanyeleleni imbewu ngokulunga nivune uthando oluqotho.
Zilimeleni umhlabathi ovundile +
Kusenesikhathi sokufuna uJehova, +
Aze afike anifundise ngokulunga. +
13 Kodwa nilime ububi,
Nivune ukungalungi, +
Nidle izithelo zenkohliso;
Ngoba nithembele endleleni yenu,
Emaqhaweni enu amaningi.
14 Kuyovuka isiyaluyalu ngokumelene nabantu bakho,
Amadolobha enu anezivikelo eziqinile ayobhujiswa wonke +
Njengokubhujiswa kwendlu ka-Aribeli nguShalimani,
Ngosuku lwempi lapho omama bephihlizwa beba izicucu eceleni kwezingane zabo.
15 Yilokhu okuyokwenziwa kuwe Bhethele + ngenxa yobubi bakho obedlulele.
Ekuntweleni kokusa nakanjani inkosi yakwa-Israyeli iyoqothulwa.” *+