Eyesibili YeziKronike
16 Ngonyaka ka-36 wokubusa kuka-Asa, uBhahasha + inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka wahlasela uJuda, waqala nokwakha* iRama + ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa inkosi yakwaJuda. + 2 U-Asa wabe esekhipha isiliva negolide engcebweni yendlu kaJehova + nendlu yenkosi* wakuthumela kuBheni-hadadi inkosi yaseSiriya, + owayehlala eDamaseku, wathi: 3 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngikuthumelela isiliva negolide. Woza uzophula isivumelwano sakho noBhahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuze angiyeke.”
4 UBheni-hadadi wayilalela iNkosi u-Asa wathumela izinduna zamabutho akhe ukuba ziyolwa namadolobha akwa-Israyeli, zanqoba i-Ijoni, + elakwaDani, + i-Abela-mayimi nazo zonke izindawo zokugcina izinto zamadolobha akwaNafetali. + 5 Lapho uBhahasha ezwa ngakho, wayeka ngokushesha ukwakha* iRama wayeka nomsebenzi ayewenza kulo. 6 INkosi u-Asa yabe isithatha wonke uJuda, bathatha amatshe nezingodo ezaziseRama + uBhahasha ayekade akha ngakho, + yakha* ngakho iGeba + neMispa. +
7 Ngaleso sikhathi uHanana + umboni wemibono weza ku-Asa inkosi yakwaJuda wathi kuye: “Ngenxa yokuthi uthembele* enkosini yaseSiriya wangathembela* kuJehova uNkulunkulu wakho, ibutho lenkosi yaseSiriya liphunyukile esandleni sakho. + 8 AmaTopiya nabaseLibhiya babengelona yini ibutho elikhulu elinezinqola eziningi nabagibeli bamahhashi? Kodwa ngenxa yokuthi wawethembele kuJehova, wabanikela esandleni sakho. + 9 Amehlo kaJehova aqalaza kuwo wonke umhlaba + ukuze abonise amandla* akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele* kuye. + Wenze ngobuwula kulokhu; kusukela manje kuqhubeke kuzoba khona izimpi ngokumelene nawe.” +
10 U-Asa wamcasukela umboni wemibono wayesemfaka ejele* ngoba wayemthukuthelele kakhulu ngenxa yalokho ayekushilo. U-Asa waqala ukuphatha kabi nabanye abantu ngesikhathi esifanayo. 11 Umlando ka-Asa, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ulotshwe eNcwadini Yamakhosi AkwaJuda Nawakwa-Israyeli. +
12 Ngonyaka ka-39 wokubusa kwakhe, u-Asa waqalwa isifo sezinyawo waze wagula kakhulu; ngisho nasekuguleni kwakhe akamfunanga uJehova kodwa wafuna abaphulukisi. 13 Ngemva kwalokho u-Asa washona + ngonyaka ka-41 wokubusa kwakhe. 14 Ngakho bamngcwaba endaweni yokungcwaba yobukhosi ayezilungisele yona eDolobheni LikaDavide, + bambeka ohlakeni olwalugcwele amafutha ebhalsamu nezinhlobo ezihlukahlukene zezithako ezazixutshiwe ukuze kwenziwe umuthi wekhethelo. + Ngaphezu kwalokho, bamenzela umlilo omkhulu.*