Eyesibili YeziKronike
34 UJosiya + wayeneminyaka engu-8 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-31 eJerusalema. + 2 Wenza okulungile emehlweni kaJehova wahamba ezindleleni zikaDavide ukhokho wakhe, akazange aphambukele kwesokudla noma kwesobunxele.
3 Ngonyaka ka-8 wokubusa kwakhe, esengumfana, wafuna uNkulunkulu kaDavide ukhokho wakhe; + ngonyaka ka-12 wahlanza uJuda neJerusalema + wasusa zonke izindawo eziphakeme + nezigxobo ezingcwele,* imifanekiso ebaziwe + nezithombe zensimbi.* 4 Ngaphezu kwalokho, badiliza ama-altare oBhali phambi kwakhe, baphula izinti zezitsha zempepho ezaziphezu kwawo. Waphihliza izigxobo ezingcwele,* imifanekiso ebaziwe nezithombe zensimbi* kwaba izicucu, wakugaya kwaba uthuli, wakufafaza phezu kwamathuna alabo ababekwenzela imihlatshelo. + 5 Washisa amathambo abapristi phezu kwama-altare abo. + Kanjalo wahlanza uJuda neJerusalema.
6 Emadolobheni akwaManase, akwa-Efrayimi, + akwaSimeyoni kuze kufike kwaNafetali, ezindaweni zawo eziyincithakalo eziwazungezile, 7 wadiliza ama-altare, waphihliza izigxobo ezingcwele* nemifanekiso ebaziwe, + wakugaya kwaba uthuli; wanquma zonke izinti zezitsha zempepho kulo lonke izwe lakwa-Israyeli, + ngemva kwalokho wabuyela eJerusalema.
8 Ngonyaka ka-18 wokubusa kwakhe, lapho eselihlanzile izwe nethempeli,* wathumela uShafani + indodana ka-Azaliya, uMahaseya induna yedolobha noJowa indodana kaJowahazi umgcini-mibhalo ukuba balungise indlu kaJehova uNkulunkulu wakhe. + 9 Baya kuHilikiya umpristi ophakeme bamnika imali eyayilethwe endlini kaNkulunkulu, amaLevi angabalindimnyango ayeyiqoqe kuManase, ku-Efrayimi nakuwo wonke u-Israyeli + nakuJuda, uBhenjamini nakwabakhe eJerusalema. 10 Babe sebeyinika labo ababemiselwe ukwengamela umsebenzi owenziwa endlini kaJehova. Izisebenzi zasendlini kaJehova zona zayisebenzisela ukuvuselela nokulungisa le ndlu. 11 Bayinika izingcweti nabakhi ukuba bathenge amatshe aqoshiwe nezingodo zokusekela futhi bakhe ngezingodo izindlu amakhosi akwaJuda ayezenze zaba incithakalo. +
12 La madoda awenza ngokwethembeka umsebenzi. + AmaLevi uJahati no-Obadiya abangamaMerari, + noZakariya noMeshulami abangamaKohati + amiswa aba ababonisi. AmaLevi, wonke ayengabaculi abangamagagu, + 13 ayengamele izisebenzi ezazenza umsebenzi ovamile,* engamele nabo bonke ababenza zonke izinhlobo zomsebenzi; amanye amaLevi ayengonobhala, izikhulu nabalindisango. +
14 Ngesikhathi bekhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova, + uHilikiya umpristi wathola incwadi yoMthetho kaJehova + owanikezwa ngoMose. *+ 15 Ngakho uHilikiya wathi kuShafani unobhala: “Ngithole incwadi yoMthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wabe eseyinika uShafani le ncwadi. 16 Ngemva kwalokho uShafani wayisa le ncwadi enkosini, wathi kuyo: “Izinceku zakho zenza konke okuthiwe azikwenze. 17 Zithulule imali etholakale endlini kaJehova, zayinika amadoda amisiwe nalabo abenza umsebenzi.” 18 UShafani unobhala waphinde wathi enkosini: “Kukhona incwadi uHilikiya umpristi anginike yona.” + UShafani wayifunda phambi kwenkosi. +
19 Kwathi nje lapho inkosi izwa amazwi oMthetho, yaklebhula izingubo zayo. + 20 Ngemva kwalokho inkosi yayala uHilikiya, u-Ahikamu + indodana kaShafani, u-Abhidoni indodana kaMika, uShafani unobhala no-Asaya inceku yenkosi, yathi: 21 “Hambani niyobuza kuJehova, nibuzele mina nabasele kwa-Israyeli nakwaJuda ngokuphathelene namazwi encwadi etholakele; ngoba inkulu intukuthelo kaJehova ezokwehlela kithi ngenxa yokuthi okhokho bethu abazange baligcine izwi likaJehova ngokwenza konke okulotshwe kule ncwadi.” +
22 Ngakho uHilikiya nalabo ababethunyelwe inkosi baya kuHulida umprofethikazi. + WayengumkaShalumi indodana kaThikiva oyindodana kaHarihasi, umnakekeli wezingubo, ehlala eJerusalema eNgxenyeni Entsha; bakhuluma naye lapho. + 23 UHulida wathi kubo: “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo, ‘Tshelani umuntu onithume kimi nithi: 24 “Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Ngizoletha inhlekelele kule ndawo nasezakhamuzini zakhona, + zonke iziqalekiso ezilotshwe encwadini + abayifunde phambi kwenkosi yakwaJuda. 25 Ngenxa yokuthi bangishiyile + bashunqisela abanye onkulunkulu imihlatshelo ukuze bangicasule + ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo, intukuthelo yami izokwehlela kule ndawo futhi ngeke inqandeke.’ ” + 26 Kodwa yilokhu okufanele nikusho enkosini yakwaJuda enithume ukuba nibuze kuJehova, “Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: ‘Ngokuphathelene namazwi owezwile, + 27 ngenxa yokuthi inhliziyo yakho yalalela,* yazithoba phambi kukaNkulunkulu lapho uzwa amazwi akhe ngokuphathelene nale ndawo nezakhamuzi zayo futhi wazithoba phambi kwami, waklebhula izingubo zakho wakhala phambi kwami, nami ngikuzwile, + kusho uJehova. 28 Yingakho ngizokubuthela kokhokho bakho,* uyongcwatshwa ngokuthula ethuneni lakho, ungayiboni yonke le nhlekelele engizoyiletha kule ndawo nakwabakhe kuyo.’ ” ’ ” +
Ngemva kwalokho baletha impendulo enkosini. 29 Ngakho inkosi yayala ukuba kubizwe wonke amadoda amadala akwaJuda nawaseJerusalema. + 30 Ngemva kwalokho inkosi yakhuphukela endlini kaJehova nawo wonke amadoda akwaJuda, izakhamuzi zaseJerusalema, abapristi, amaLevi—bonke abantu, abakhulu nabancane. Yabafundela wonke amazwi encwadi yesivumelwano eyayitholakale endlini kaJehova. + 31 Inkosi yama endaweni yayo yenza* isivumelwano + phambi kukaJehova sokuthi izolandela uJehova igcine imiyalo yakhe, izikhumbuzo zakhe neziqondiso zakhe ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo wonke umphefumulo *+ wayo, ngokwenza ngokuvumelana namazwi alesi sivumelwano ayelotshwe kule ncwadi. + 32 Ngaphezu kwalokho, yayala ukuba bonke ababeseJerusalema nakwaBhenjamini bavumelane naso. Abakhe eJerusalema benza ngokuvumelana nesivumelwano sikaNkulunkulu, uNkulunkulu wokhokho babo. + 33 UJosiya wabe esesusa zonke izinto* ezinyanyekayo kuwo wonke amazwe ama-Israyeli, + futhi wenza ukuba bonke kwa-Israyeli bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Kukho konke ukuphila* kwakhe abazange baphambuke ekulandeleni uJehova uNkulunkulu wokhokho babo.