AmaHubo
Kumqondisi; ngenothi leGititi.* Elika-Asafa. +
81 Memezani ngenjabulo phambi kukaNkulunkulu ongamandla ethu. +
Memezani ngenjabulo nidumise uNkulunkulu kaJakobe.
2 Dlalani izinsimbi zomculo nithathe ithamborini,
Ihabhu elimnandi kanye nensimbi yomculo enezintambo.
4 Ngoba kuwumyalo onikezwe u-Israyeli,
Isinqumo sikaNkulunkulu kaJakobe, +
5 Asibekela uJosefa njengesikhumbuzo +
Lapho uNkulunkulu ehlasela izwe laseGibhithe. +
Ngezwa izwi* engingalazi, lithi:
Ngakuvivinya emanzini aseMeriba. *+ (Sela)
8 Yizwani, bantu bami, ngizofakaza ngokumelene nani.
O Israyeli, uma nje ningangilalela. +
9 Phakathi kwenu ngeke abe khona unkulunkulu ongaziwa,
Ngeke nikhothamele unkulunkulu wesinye isizwe. +
Vulani imilomo yenu kakhulu, ngizoyigcwalisa. +
12 Ngakho ngabavumela ukuba bahambe ngenkani yenhliziyo yabo;