Eyokuqala YeziKronike
16 Ngakho bawungenisa uMphongolo kaNkulunkulu weqiniso bawubeka ngaphakathi etendeni uDavide ayeligxumekele wona; + babe sebeletha iminikelo eshiswayo nemihlatshelo ehlanganyelwayo phambi kukaNkulunkulu weqiniso. + 2 Lapho uDavide eseqedile ukunikela iminikelo eshiswayo + nemihlatshelo ehlanganyelwayo, + wabusisa abantu egameni likaJehova. 3 Ngaphezu kwalokho, wabela wonke ama-Israyeli, wonke amadoda nabesifazane, isinkwa esiyindilinga, ikhekhe lamasundu nekhekhe lamagilebhisi omisiwe. 4 Ngemva kwalokho wamisa amanye amaLevi ukuba akhonze phambi koMphongolo kaJehova, + ukuze ahloniphe,* abonge futhi adumise uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 5 U-Asafa + wayeyinhloko, elandelwa uZakariya; uJeheyeli, uShemiramoti, uJehiyeli, uMatithiya, u-Eliyabe, uBhenaya, u-Obede-edomi noJeheyeli + babedlala izinsimbi zomculo ezinezintambo namahabhu; + u-Asafa wayedlala amasimbali, + 6 uBhenaya noJahaziyeli abapristi babeshaya amacilongo njalo phambi komphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu weqiniso.
7 Kwakungalolo suku lapho uDavide aqamba khona ingoma yokubonga uJehova, wayala u-Asafa + nabafowabo ukuba bayicule:
10 Ziqhayiseni ngegama lakhe elingcwele. +
Mazijabule izinhliziyo zalabo abafuna uJehova. +
11 Funani uJehova + namandla akhe.
Qhubekani nimfuna. +
12 Khumbulani imisebenzi yakhe emangalisayo ayenzile, +
Izimangaliso zakhe nezahlulelo azikhiphile,
13 Nina nzalo* ka-Israyeli inceku yakhe, +
Nina bantwana bakaJakobe, abakhethiwe bakhe. +
14 UnguJehova uNkulunkulu wethu. +
Izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke. +
15 Khumbulani isivumelwano sakhe kuze kube phakade,
Isithembiso asenza* ezizukulwaneni eziyinkulungwane, +
16 Isivumelwano asenza no-Abrahama, +
Nesifungo asifunga ku-Isaka, +
17 Asimisa saba umyalo kuJakobe, +
Saba isivumelwano saphakade ku-Israyeli,
18 Ethi, ‘Ngizokunika izwe laseKhanani, +
Libe yifa lakho.’ +
19 Lokhu kwenzeka lapho nisembalwa,
Yebo, nimbalwa kakhulu futhi niyizifiki ezweni. +
20 Babehamba besuka kwesinye isizwe beya kwesinye,
Besuka komunye umbuso beya komunye umbuso. +
21 Akavumelanga muntu ukuba abacindezele, +
Kodwa wasola amakhosi ngenxa yabo, +
22 Ethi, ‘Ningabathinti abagcotshiwe bami,
Ningenzi lutho olubi kubaprofethi bami.’ +
23 Culelani uJehova, nonke nina bantu basemhlabeni!
Memezelani insindiso yakhe usuku nosuku! +
24 Memezelani inkazimulo yakhe phakathi kwezizwe,
Imisebenzi yakhe emangalisayo kuzo zonke izizwe.
25 Ngoba uJehova mkhulu futhi ukufanelekela kakhulu ukudunyiswa.
Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. +
26 Bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho, +
Kodwa uJehova nguye owadala amazulu. +
27 Uzungezwe ubukhulu* nobukhazikhazi; +
Amandla nenjabulo kusendaweni yakhe. +
28 Dumisani uJehova nina mindeni yezizwe,
Dumisani uJehova ngenxa yenkazimulo namandla akhe. +
29 Nikani uJehova inkazimulo efanele igama lakhe; +
Lethani isipho ningene phambi kwakhe. +
Khothamani* kuJehova nembethe izingubo ezingcwele. *+
30 Thuthumelani phambi kwakhe, mhlaba wonke!
Umhlaba umiswe waqina; awunakunyakaziswa. *+
31 Amazulu mawathokoze, nomhlaba mawujabule; +
Memezelani ezizweni nithi, ‘UJehova useyiNkosi!’ +
32 Ulwandle maludume kanye nakho konke okukulo;
Amathafa nakho konke okukuwo makuthokoze.
33 Ngesikhathi esifanayo izihlahla ezisehlathini mazimemeze ngenjabulo phambi kukaJehova,
Ngoba uyeza uzokwahlulela umhlaba.
34 Bongani uJehova, ngoba muhle; +
Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +
35 Nithi, ‘Sisindise, Nkulunkulu wensindiso yethu, +
Siqoqele ndawonye, usikhulule ezizweni,
Ukuze sibonge igama lakho elingcwele +
Sikudumise ngenjabulo. +
36 Kwangathi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli angadunyiswa
Kuze kube phakade.’ ”*
Bonke abantu bathi, “Amen!”* base bedumisa uJehova.
37 Ngemva kwalokho uDavide washiya u-Asafa + nabafowabo lapho phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova ukuze bakhonze njalo phambi koMphongolo, + ngokwenqubo yansuku zonke. + 38 U-Obede-edomi nabafowabo abangu-68, u-Obede-edomi oyindodana kaJeduthuni kanye noHosa babengabalindisango; 39 uZadoki + umpristi nabanye abapristi babephambi kwetabernakele likaJehova endaweni ephakeme eGibheyoni + 40 ukuze banikele iminikelo eshiswayo kuJehova e-altare lomnikelo oshiswayo, njalo ekuseni nakusihlwa, nokuba benze konke okulotshwe eMthethweni kaJehova ayala ngawo u-Israyeli. + 41 Kanye nabo kwakunoHemani noJeduthuni, + nawo wonke amadoda akhethiwe ayeshiwo ngamagama ukuba abonge uJehova, + ngoba “uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade”; + 42 kanye nabo kwakunoHemani + noJeduthuni ababezoshaya amacilongo, amasimbali nezinsimbi ezazisetshenziselwa ukudumisa uNkulunkulu* weqiniso; amadodana kaJeduthuni + ayesesangweni. 43 Ngemva kwalokho bonke abantu baya emizini yabo, uDavide wahamba wayobusisa umndeni wakhe.