IsiHlabelelo SeziHlabelelo
Ngikhe imure yami nesithako sami. +
Ngidle ikhekheba lami lezinyosi kanye noju lwami;
Ngiphuze iwayini lami nobisi lwami.” +
“Yidlani bangani abathandekayo!
Phuzani nidakwe izenzo zothando!” +
2 “Ngilele kodwa inhliziyo yami iphapheme. +
Kukhona umsindo wokungqongqoza kwesithandwa sami!
‘O dadewethu, ngivulele sithandwa sami
Juba lami, wena muntu wami ongenasici!
Ngoba ikhanda lami limanziswe amazolo,
Izinwele zami zimanziswe umswakama wasebusuku.’ +
3 Sengiyikhumulile ingubo yami.
Ingabe kumele ngiphinde ngiyigqoke?
Ngizigezile izinyawo zami.
Ingabe kumele ngizingcolise futhi?
4 Isithandwa sami sasisusa isandla saso embotsheni yesicabha,
Imizwa yami ngaso yavuka.
5 Ngavuka ukuze ngivulele isithandwa sami;
Izandla zami zaconsa imure,
Neminwe yami yaconsa imure ewuketshezi,
Yaconsela ezibambweni zesihluthulelo.
6 Ngasivulela isithandwa sami,
Kodwa isithandwa sami sase sifulathele, sase sihambile.
Ngaphelelwa amandla lapho sihamba.*
Ngasifuna, kodwa angizange ngisithole. +
Ngasibiza, kodwa asizange sisabele.
7 Abalindi ababezulazula edolobheni bangithola.
Bangishaya, bangilimaza.
Abalindi bezindonga bangiphuca ibhayi lami.
8 Ngiyanifungisa madodakazi aseJerusalema:
Uma nisithola isithandwa sami,
Nisitshele ukuthi ngiyafa uthando.”
9 “Isithandwa sakho singcono ngani kwezinye izithandwa,
Wena omuhle kunabo bonke abesifazane?
Isithandwa sakho singcono ngani kwezinye izithandwa,
Ukuba ungaze usifungise isifungo esinjalo?”
10 “Isithandwa sami sihle futhi sibomvu;
Sigqamile phakathi kwabayizinkulungwane eziyishumi.
11 Ikhanda laso liyigolide, igolide elisezingeni eliphezulu.
Izinwele zaso zinjengamaqabunga esundu* aya le nale,
Zimnyama njengegwababa.
12 Amehlo aso anjengamajuba ngasemifudlaneni yamanzi,
Ageza ngobisi,
Ahlezi ngasechibini eligcwele phama.
Izindebe zaso ziyizimbali, ziconsa imure + ewuketshezi.
14 Izandla zaso ziyimibhobho yegolide, efakwe ikhrisolithe.
Isisu saso siyizinyo lendlovu elipholishekile elimbozwe ngamasafire.
15 Imilenze yaso iyizinsika zemabula ezibekwe phezu kwezisekelo zegolide elisezingeni eliphezulu.
Ukubukeka kwaso kunjengeLebhanoni, kusezingeni eliphezulu njengemisedari. +
Yiso-ke lesi isithandwa sami, nguye lo othandiweyo wami, O madodakazi aseJerusalema.”