UNehemiya
6 Kwathi nje lapho uSanibhalati, uThobiya, + uGeshemi wase-Arabhiya + nazo zonke ezinye izitha zethu betshelwa ukuthi ngangilwakhe kabusha udonga + nokuthi zase zivalwe zonke izikhala (nakuba kuze kube yileso sikhathi ngangingakayifaki iminyango emasangweni), + 2 ngokushesha uSanibhalati noGeshemi bangithumelela lo myalezo: “Woza, asibeke isikhathi esizohlangana ngaso emizini eseThafeni* Lase-Ono.” + Kodwa babengakhela uzungu. 3 Ngakho ngathumela izithunywa kubo, ngathi: “Kunomsebenzi omkhulu engiwenzayo, ngeke ngikwazi ukuza. Uma ngiza kini umsebenzi uzoma.” 4 Bangithumelela umyalezo ofanayo izikhathi ezine, nami ngangilokhu ngibanika impendulo efanayo.
5 USanibhalati wabe esengithumelela isikhonzi sakhe nomyalezo ofanayo okwesihlanu, siphethe incwadi evulekile. 6 Kuyo kwakulotshwe lokhu: “Kuzwakele phakathi kwezizwe, noGeshemi + uyasho, ukuthi wena namaJuda niceba ukuvukela umbuso. + Yingakho nakha lolo donga; futhi ngokwale mibiko, uwena ozoba yinkosi yawo. 7 Umise ngisho nabaprofethi ukuba bamemezele ngawe kulo lonke iJerusalema, bathi, ‘Kukhona inkosi kwaJuda!’ Manje inkosi izozizwa lezi zindaba. Ngakho woza sibonisane ngale ndaba.”
8 Nokho, ngamthumelela le mpendulo: “Azenzekanga zonke lezi zinto ozishoyo; zisungulwe nguwe engqondweni* yakho.” 9 Ngoba bonke babezama ukusesabisa, bethi: “Izandla zabo zizophela amandla futhi umsebenzi ngeke bawuqede.” + Manje ngithandazela ukuba uqinise izandla zami. +
10 Ngaya endlini kaShemaya indodana kaDelaya indodana kaMehetabeli ngesikhathi evalelekile. Wathi: “Masibeke isikhathi esizohlangana ngaso endlini kaNkulunkulu weqiniso, ngaphakathi ethempelini, sivale iminyango yethempeli, ngoba bayeza bazokubulala. Bazofika ebusuku bakubulale.” 11 Kodwa ngathi: “Ingabe umuntu osesikhundleni engikuso kufanele abaleke? Umuntu onjengami angangena yini ethempelini futhi aqhubeke ephila? + Ngeke ngingene!” 12 Ngabe sengibona ukuthi wayengathunywanga uNkulunkulu, kodwa wayeqashwe uThobiya noSanibhalati + ukuba asho lesi siprofetho esimelene nami. 13 Wayeqashelwe ukuba angesabise futhi angenze ngone, ukuze bathole isizathu sokonakalisa idumela lami bese bengihlambalaza.
14 Nkulunkulu wami, bakhumbule oThobiya + noSanibhalati, ukhumbule nezenzo zabo kanye noNowadiya umprofethikazi nabo bonke abanye abaprofethi abebelokhu bezama ukungesabisa.
15 Ekugcineni udonga lwaphela ngomhla ka-25 ku-Eluli,* ngemva kwezinsuku ezingu-52.
16 Kwathi nje lapho zonke izitha zethu zizwa ngakho, nazo zonke izizwe ezingomakhelwane zikubona, zaphoxeka kakhulu, *+ zabona ukuthi lo msebenzi wenziwe ngosizo lukaNkulunkulu wethu. 17 Ngalezo zinsuku, izikhulu + zakwaJuda zazithumela izincwadi eziningi kuThobiya, noThobiya wayeziphendula. 18 Abaningi kwaJuda babefungile ukuthi bazomsekela ngoba wayengumkhwenyana kaShekaniya, indodana ka-Ara, + futhi indodana yakhe, uJehohanani, yayishade nendodakazi kaMeshulami + indodana kaBherekiya. 19 Babelokhu bengitshela izinto ezinhle ngaye bese bembikela lokho engangikusho. UThobiya wayebe esengithumelela izincwadi zokungesabisa. +