IsiHlabelelo SeziHlabelelo
6 “Siyephi isithandwa sakho,
Wena muntu wesifazane omuhle kunabo bonke abesifazane?
Sihambe ngayiphi indlela isithandwa sakho?
Masikufunise sona.”
2 “Isithandwa sami sehlele ensimini yaso,
Ezivandeni zezitshalo zezithako,
Ukuze seluse phakathi kwamasimu
Sikhe nezimbali. +
Seluse phakathi kwezimbali.” +
Izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi
Ezehla zivela eGileyadi. +
6 Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvu
Ezibuya ukuyogezwa,
Zonke zakheke kahle futhi zihambisana kahle,
Akukho neyodwa eshodayo.
7 Njengengxenye yehalananda elivulekile
Zinjalo izihlathi zakho njengoba uzimboze ubuso.
9 Kodwa munye oyijuba lami, + umuntu wami ongenasici.
Uyedwa kunina.
Uyintandokazi* yalowo owamzala.
Izintombi ziyambona bese zithi uyajabula;
Izindlovukazi nezancinza ziyamdumisa.
10 ‘Ubani lona wesifazane omuhle njengokuphuma kwelanga,
Omuhle njengenyanga egcwele,
Ohlanzeke njengokukhanya kwelanga,
Omangalisa njengamabutho azungeze amabhanela awo?’ ” +
11 “Ngehlele ensimini yamantongomane +
Ukuze ngibone okuhlumile esigodini,*
Ukuze ngibone ukuthi isihlahla samagilebhisi sikhahlelile* yini,
Ukuthi izihlahla zamahalananda ziqhakazile yini.
13 “Buya, buya mShulamiti!
Buya, buya,
Ukuze sibuke ubuhle bakho!”
“Kungani nibuka umShulamiti?” +
“Unjengomdanso wamaqembu amabili!”*