UNehemiya
1 Amazwi kaNehemiya *+ indodana kaHakaliya: Ngenyanga kaKhisilevi,* ngonyaka ka-20, ngangiseShushani *+ esigodlweni.* 2 Kwafika uHanana, + omunye wabafowethu, ehamba namanye amadoda bevela kwaJuda. Ngababuza ngamaJuda ayesele, lawo ayesinde ekuthunjweni, + ngababuza nangeJerusalema. 3 Bathi kimi: “Abantu ababuya ekuthunjweni futhi manje abahlala esifundeni sakwaJuda, basesimweni esidabukisayo nasehlazweni. + Izindonga zeJerusalema zibhidlikile, + namasango alo ashiswe ngomlilo.” +
4 Lapho nje ngizwa la mazwi, ngahlala phansi ngakhala futhi ngalila izinsuku eziningi, ngangizila ukudla + futhi ngithandaza phambi kukaNkulunkulu wamazulu. 5 Ngathi: “Jehova Nkulunkulu wamazulu, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano sakhe nobonisa uthando oluqotho kulabo abamthandayo nabagcina imiyalo yakhe, + 6 ngiyacela, indlebe yakho mayilalele namehlo akho avuleke, ukuze ulalele umthandazo wenceku yakho engiwuthandaza kuwe namuhla, ubusuku nemini, + ngokuphathelene nezinceku zakho, ama-Israyeli, njengoba ngivuma izono zabantu bakwa-Israyeli. Sonile, mina nendlu kababa. + 7 Senze inkohlakalo + ngokungayigcini imiyalo yakho, iziqondiso nezahlulelo owazinika uMose inceku yakho. +
8 “Ngicela ukhumbule izwi owayala ngalo* inceku yakho uMose, uthi: ‘Uma ningase ningathembeki, ngiyonihlakazela ezizweni. + 9 Kodwa uma nibuya futhi nigcina imiyalo yami, ngisho noma abantu bakini abahlakazekile bengaba sekugcineni komhlaba, ngiyobalanda + ngibabuyisele endaweni engiyikhethele ukuba igama lami lihlale kuyo.’ + 10 Bayizinceku zakho nabantu bakho, owabakhulula ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla. + 11 Jehova, ngiyacela, indlebe yakho mayilalele umthandazo wenceku yakho nomthandazo wezinceku zakho ezesaba igama lakho; ngicela usize inceku yakho iphumelele namuhla futhi kwangathi inkosi ingangibonisa umusa.” +
Mina ngangingumphathindebe wenkosi. +