uJobe
10 “Ngiyakwenyanya ukuphila kwami. +
Ngizosho izikhalazo zami.
Ngizokhuluma nginosizi!
2 Ngizothi kuNkulunkulu: ‘Ungasho ukuthi nginecala.
Ngitshele ukuthi kungani ulwa nami.
3 Kuyakuzuzisa yini ukungicindezela,
Ukuzonda umsebenzi wezandla zakho +
Ube usekela iseluleko sababi?
4 Unamehlo enyama yini,
Noma ubona ngendlela umuntu ofayo abona ngayo?
5 Izinsuku zakho ziyafana yini nezinsuku zabantu abafayo,
Noma ingabe iminyaka yakho iyafana neyomuntu, +
6 Ukuba ungafuna isiphambeko sami
Uqhubeke ufuna isono sami? +
10 Awuzange yini ungithulule njengobisi
Futhi ungenze njengoshizi?
13 Kodwa ubuhlose ukwenza lezi zinto ngasese.*
Ngiyazi ukuthi lezi zinto zivela kuwe.
15 Maye kimi uma nginecala!
Ngisho noma ngimsulwa, angikwazi ukuphakamisa ikhanda lami, +
Ngoba kimi kugcwele ukuhlazeka nenhlupheko. +
16 Uma ngiphakamisa ikhanda, ungizingela njengoba kwenza ibhubesi +
Uphinde ubonise amandla akho ngokumelene nami.
17 Ungilethela ofakazi abasha bamelane nami
Ungithukuthelele kakhulu,
Njengoba ngehlelwa ubunzima bulandelana.
18 Kanti wangikhiphelani esibelethweni sikamama? +
Kufanele ngabe ngafa ngaphambi kokuba kube neso elingibonayo.
19 Bekuyoba sengathi angikaze ngibe khona;
Bengiyovele ngisuswe esibelethweni ngiyiswe ethuneni.’