118 Bongani uJehova, ngoba muhle; +
Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.
2 Manje u-Israyeli makathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
3 Abendlu ka-Aroni mabathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
4 Abesaba uJehova mabathi:
“Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade.”
5 Ngambiza uJah lapho ngicindezelekile;
UJah waphendula wangiletha endaweni ephephile. +
6 UJehova ungakimi; ngeke ngesabe. +
Umuntu angangenzani? +
7 UJehova ungakimi ukuze abe ngumsizi wami; +
Ngiyobuka lapho abangizondayo benqotshwa. +
8 Kungcono ukuphephela kuJehova
Kunokuthembela kubantu. +
9 Kungcono ukuphephela kuJehova
Kunokuthembela ezikhulwini. +
10 Zonke izizwe zangizungeza,
Kodwa ngegama likaJehova,
Ngazixosha. +
11 Zangizungeza, yebo, zazingizungeze nxazonke,
Kodwa ngegama likaJehova,
Ngazixosha.
12 Zangizungeza njengezinyosi,
Kodwa zacinywa ngokushesha njengomlilo wezihlahla zameva.
Ngegama likaJehova,
Ngazixosha. +
13 Ngasunduzwa kakhulu ukuze ngiwe,
Kodwa uJehova wangisiza.
14 UJah uyisikhoselo sami namandla ami,
Usebe yinsindiso yami. +
15 Umsindo wokujabula nensindiso
Usematendeni abalungile.
Isandla sokudla sikaJehova sibonisa amandla aso. +
16 Isandla sokudla sikaJehova siyaziphakamisa;
Isandla sokudla sikaJehova sibonisa amandla aso. +
17 Ngeke ngife, cha, ngizophila,
Ukuze ngimemezele imisebenzi kaJah. +
18 UJah wangijezisa kanzima, +
Kodwa akazange anginikele ekufeni. +
19 Ngivuleleni amasango okulunga; +
Ngizongena ngawo ngidumise uJah.
20 Leli yisango likaJehova.
Abalungile bazongena ngalo. +
21 Ngizokudumisa, ngoba wangiphendula +
Waba yinsindiso yami.
22 Itshe elenqatshwa abakhi
Selibe yitshe legumbi eliyinhloko. +
23 Livele kuJehova; +
Liyamangalisa emehlweni ethu. +
24 Lolu usuku uJehova alwenzile;
Sizojabula sithokoze ngalo.
25 Jehova, sicela usisindise, siyakunxusa!
Jehova, sicela usisize sinqobe!
26 Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova; +
Siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27 UJehova unguNkulunkulu;
Usinika ukukhanya. +
Ngenani odwendweni lomkhosi niphethe amagatsha ngesandla, +
Nize nifike ezimpondweni ze-altare. +
28 Wena unguNkulunkulu wami, ngizokudumisa;
Nkulunkulu wami, ngizokuphakamisa. +
29 Bongani uJehova, + ngoba muhle;
Uthando lwakhe oluqotho luhlala kuze kube phakade. +