Duteronomi
14 “Ningabantwana bakaJehova uNkulunkulu wenu. Ningazisiki + noma niphuce iziphongo zenu* ngenxa yomuntu oshonile. + 2 Ngoba niyisizwe esingcwele + kuJehova uNkulunkulu wenu, uJehova unikhethile ukuba nibe isizwe sakhe, impahla yakhe ekhethekile* kuzo zonke izizwe ezisemhlabeni. +
3 “Akumele nidle noma yini enengekayo. + 4 Nazi izilwane eningazidla: + inkomo, imvu, imbuzi, 5 indluzele, insephe, inxala, imbuzi yasendle, iwula, imvu yasendle nemvu yasezintabeni. 6 Ningadla noma yiziphi izilwane ezinenselo ehlukene phakathi futhi ezetshisayo. 7 Kodwa akumele nidle lezi zilwane ezilandelayo ezetshisayo noma ezinenselo edabukile: ikamela, unogwaja nembila, ngoba ziyetshisa kodwa azinayo inselo edabukile. Zingcolile kini. + 8 Nengulube ngoba inenselo ehlukene phakathi kodwa ayetshisi. Ingcolile kini. Akumele nidle inyama yazo noma nithinte izidumbu zazo.
9 “Kuzo zonke izinto eziphila emanzini, nakhu eningakudla: Konke okunezigwedlo namazenga ningakudla. + 10 Kodwa akumele nidle noma yini engenazo izigwedlo namazenga. Kungcolile kini.
11 “Ningadla noma iyiphi inyoni ehlanzekile. 12 Kodwa yilezi okungamelwe nizidle: ukhozi, ingqungqulu, inqe elimnyama, + 13 unhloyile obomvu, unhloyile omnyama, zonke izinhlobo zokholwe, 14 zonke izinhlobo zamagwababa, 15 intshe, isikhova, indwandwe, zonke izinhlobo zoheshe, 16 isikhovana, isikhova esinamadlebe amade, ifukezi, 17 ivuba, inqe, umphishamanzi, 18 unogolantethe, zonke izinhlobo zonozalizingwenya, uziningweni nelulwane. 19 Zonke izilwane* ezincane ezinamaphiko ezibhuzayo nazo zingcolile kini. Akufanele zidliwe. 20 Zonke izilwane ezindizayo ezihlanzekile ningazidla.
21 “Akumele udle noma yisiphi isilwane esitholakale sizifele. + Ungasinika isifiki esingaphakathi emadolobheni* akho, sona singasidla, noma sithengiselwe owesinye isizwe. Ngoba uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho.
“Ungayibilisi inyama yezinyane obisini lukanina. +
22 “Kumele nakanjani ukhiphe okweshumi kwakho konke okukhiqizwa imbewu yakho ensimini unyaka nonyaka. + 23 Uyodla okweshumi kokudla kwakho okusanhlamvu, iwayini lakho elisha, amafutha akho namazibulo omhlambi wakho wezinkomo nawomhlambi wakho wezimvu nowezimbuzi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, endaweni ayokhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo, + ukuze ufunde ukwesaba uJehova uNkulunkulu wakho ngaso sonke isikhathi. +
24 “Kodwa uma kwenzeka uhambo luba lude kakhulu kuwe, ungeke ukwazi ukukuthwala ukuyise endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayikhetha njengendawo yegama lakhe + ngoba ikude kakhulu nawe (ngoba uJehova uNkulunkulu wakho uyokubusisa), 25 ungakushintsha kube yimali, uthathe leyo mali uhambe uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayoyikhetha. 26 Ngemva kwalokho, uyisebenzisele noma yini oyifisayo—izinkomo, izimvu, izimbuzi, iwayini nolunye uphuzo oludakayo, nanoma yini oyithandayo; uyodlela lapho phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho ujabule, wena nomndeni wakho. + 27 Ungamlahli umLevi ongaphakathi emadolobheni akho + ngoba akanikwanga sabelo nafa kanye nawe. +
28 “Njalo ekupheleni kweminyaka emithathu, kufanele ukhiphe konke okweshumi komkhiqizo wakho walowo nyaka, ukubeke ngaphakathi emadolobheni akho. + 29 UmLevi onganikwanga sabelo nafa kanye nawe, isifiki, intandane* nomfelokazi abasemadolobheni akho, bayoza badle baneliseke, + ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke okwenzayo. +