Eyesibili YeziKronike
8 USolomoni wakha indlu kaJehova nendlu* yakhe + ngeminyaka engu-20. 2 Ngemva kwalokho uSolomoni wawakha kabusha amadolobha uHiramu + ayemnike wona, wabe esehlalisa ama-Israyeli* kuwo. 3 Ngaphezu kwalokho, uSolomoni waya eHamati-zoba walithumba. 4 Ngemva kwalokho wakha* iTadimori ehlane nawo wonke amadolobha okugcina izinto + awakha eHamati. + 5 Wakha neBheti-horoni Elingenhla + neBheti-horoni Elisezansi, + amadolobha anezivikelo eziqinile anezindonga, amasango nemigoqo, 6 neBhahalati + kanye nawo wonke amadolobha kaSolomoni okugcina izinto, wonke amadolobha ezinqola, + amadolobha abagibeli bamahhashi nanoma yini uSolomoni ayefisa ukuyakha eJerusalema, eLebhanoni nakulo lonke izwe ayelibusa.
7 Bonke abantu ababesele kumaHeti, kuma-Amori, kumaPherizi, kumaHivi nakumaJebusi, + ababengeyona ingxenye ka-Israyeli, + 8 inzalo yabo eyayisele ezweni—labo ama-Israyeli angazange abaqothule +—uSolomoni wabayala ukuba bamenzele umsebenzi oyimpoqo kuze kube namuhla. + 9 Kodwa abekho kuma-Israyeli uSolomoni abenza izigqila zomsebenzi wakhe, + ngoba babengamaqhawe akhe, izinduna zezikhulu zempi, izinduna zabashayeli bezinqola zakhe nezabagibeli bakhe bamahhashi. + 10 Kwakunezinhloko zezinduna ezingu-250 zeNkosi uSolomoni, ziphethe abantu. +
11 USolomoni waletha nendodakazi kaFaro + eyisusa eDolobheni LikaDavide eyiletha endlini ayeyakhele yona, + ngoba wathi: “Nakuba engumkami, akufanele ahlale endlini kaDavide inkosi yakwa-Israyeli, ngoba izindawo uMphongolo kaJehova osufike kuzo zingcwele.” +
12 USolomoni wabe esenikela imihlatshelo eshiswayo + eya kuJehova e-altare + likaJehova ayelakhe phambi kompheme. + 13 Walandela inqubo yansuku zonke wenza iminikelo ngokomyalo kaMose wamaSabatha, + wokwethwasa kwezinyanga + nowemikhosi emisiwe eyayenziwa kathathu ngonyaka +—uMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, + uMkhosi Wamasonto + noMkhosi Wamadokodo. *+ 14 Ngaphezu kwalokho, wamisa izigaba zabapristi + phezu kwezinkonzo zazo ngokomthetho kaDavide uyise, namaLevi ezindaweni asebenza kuzo, ukuba adumise + futhi akhonze phambi kwabapristi ngokwenqubo yansuku zonke, nabalindisango ngezigaba zabo zamasango ahlukahlukene, + ngoba lo kwakungumyalo kaDavide umuntu kaNkulunkulu weqiniso. 15 Abazange baphambuke emyalweni wenkosi kubapristi namaLevi ngokuqondene nanoma yiluphi udaba noma ngokuqondene nezinqolobane. 16 Ngakho wonke umsebenzi kaSolomoni wawuhlelwe kahle,* kusukela ngosuku okwabekwa ngalo isisekelo sendlu kaJehova + yaze yaphela. Ngakho indlu kaJehova yaphela. +
17 USolomoni waya ngaleso sikhathi e-Eziyoni-gebheri + nase-Eloti + ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi. + 18 UHiramu + wamthumelela imikhumbi namatilosi angomakadebona ngezinceku zakhe. Baya e-Ofiri + nezinceku zikaSolomoni bathatha igolide elingamathalenta* angu-450 + baliletha eNkosini uSolomoni. +