Joshuwa
14 Yileli ifa elathathwa ama-Israyeli ezweni laseKhanani, lelo u-Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni kanye nezinhloko zemindeni yoyise yezizwe zakwa-Israyeli abawanika lona laba yifa lawo. + 2 Ifa lawo labiwa ngenkatho, + njengoba nje uJehova ayeyalile ngoMose ngokuphathelene nezizwe ezingu-9 nohhafu. + 3 UMose wayeselabile ifa lalezi ezinye izizwe ezimbili nohhafu ngaphesheya* kweJordani, + amaLevi akawanikanga ifa njengazo zonke izizwe zakwa-Israyeli. + 4 Inzalo kaJosefa yayibhekwa njengezizwe ezimbili, + isizwe sakwaManase nesakwa-Efrayimi; + amaLevi awanikwanga sabelo ezweni, ngaphandle kwamadolobha + ayezohlala kuwo namadlelo emfuyo nezinkomo. + 5 Ngakho ama-Israyeli alihlukanisa izwe njengoba nje uJehova ayemyalile uMose.
6 Amanye amadoda esizwe sakwaJuda aya kuJoshuwa eGiligali, + uKalebi + indodana kaJefune umKhenizi wathi kuye: “Uyakwazi lokho uJehova akusho + kuMose inceku kaNkulunkulu weqiniso + ngokuqondene nami nawe eKadeshi-barineya. + 7 Ngangineminyaka engu-40 ubudala lapho uMose inceku kaJehova engithuma ngisuka eKadeshi-barineya ukuba ngiyohlola izwe, + futhi ngabuya nombiko oqondile. *+ 8 Nakuba abafowethu engangihambe nabo bathusa abantu,* mina ngamlandela ngenhliziyo yami yonke* uJehova uNkulunkulu wami. + 9 Ngakho uMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyohlale liyifa lakho namadodana akho, ngoba umlandele ngenhliziyo yakho yonke uJehova uNkulunkulu wami.’ + 10 Manje njengoba nje athembisa, + uJehova ungilondile + le minyaka engu-45 kusukela ngesikhathi uJehova enza ngaso lesi sithembiso kuMose lapho u-Israyeli esesehlane; + namuhla ngineminyaka engu-85. 11 Nanamuhla ngisenamandla njengasosukwini uMose angithuma ngalo. Amandla ami asenjengoba nje ayenjalo ngaleso sikhathi, ngisakwazi ukulwa nokwenza ezinye izinto. 12 Ngakho, nginike le ndawo esezintabeni uJehova asithembisa yona ngalolo suku. Nakuba wezwa ngalolo suku ukuthi kwakukhona ama-Anaki + lapho namadolobha amakhulu anezivikelo eziqinile, + nakanjani* uJehova uzoba nami + futhi ngizowaxosha,* njengoba nje uJehova athembisa.” +
13 Ngakho uJoshuwa wambusisa uKalebi indodana kaJefune, wamnika iHebroni laba yifa lakhe. + 14 Yingakho iHebroni liyifa likaKalebi indodana kaJefune umKhenizi kuze kube namuhla, ngenxa yokuthi walandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngenhliziyo yakhe yonke. + 15 Esikhathini esingaphambili iHebroni lalaziwa ngokuthi iKiriyati-ariba + (u-Ariba wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki). Izwe laba nokuthula alibange lisaphazanyiswa yimpi. +