Eyesibili YeziKronike
35 UJosiya wenzela uJehova iPhasika + eJerusalema, bahlaba umhlatshelo wePhasika + ngosuku luka-14 lwenyanga yokuqala. + 2 Wabela abapristi imisebenzi yabo, wabakhuthaza ukuba benze inkonzo yabo endlini kaJehova. + 3 Wabe esethi kumaLevi, abafundisi bawo wonke u-Israyeli, + ababengcwele kuJehova: “Bekani uMphongolo ongcwele endlini eyakhiwa uSolomoni indodana kaDavide inkosi yakwa-Israyeli; + ngeke kusadingeka niwutshathe. + Manje khonzani uJehova uNkulunkulu wenu nesizwe sakhe u-Israyeli. 4 Zilungiseleleni ngokwemindeni yoyihlo ngokwezigaba zenu, nilandela lokho okwabhalwa uDavide + inkosi yakwa-Israyeli noSolomoni indodana yakhe. + 5 Yimani endaweni engcwele ngokwemindeni yoyise babantu, abafowenu; emndenini ngamunye kufanele kube khona iqembu lemindeni yoyise yamaLevi. 6 Hlabani umhlatshelo wePhasika + nizingcwelise nilungiselele abafowenu ukuze kwenziwe izwi likaJehova ngoMose.”
7 UJosiya wanikela ngemihlambi kubantu, amawundlu angamaduna namazinyane angamaduna, kwaba imihlatshelo yePhasika yabo bonke ababekhona, sekukonke kwakungu-30 000 kanye nezinkomo ezingu-3 000. Zazivela empahleni yenkosi. + 8 Izikhulu zakhe zenza nomnikelo owaba umnikelo wokuzithandela wabantu, wabapristi nowamaLevi. UHilikiya, + uZakariya noJehiyeli, abaholi bendlu kaNkulunkulu weqiniso, banika abapristi imihlatshelo yePhasika engu-2 600 nezinkomo ezingu-300. 9 UKhonaniya nabafowabo uShemaya noNethaneli kanye noHashabiya, uJeheyeli noJozabhadi, izinduna zamaLevi, banikela kumaLevi imihlatshelo yePhasika engu-5 000 nezinkomo ezingu-500.
10 Amalungiselelo aphothulwa, abapristi bama ezindaweni zabo namaLevi ngokwezigaba zawo, + njengoba inkosi yayiyalile. 11 Kwahlatshwa imihlatshelo yePhasika, + abapristi bafafaza igazi ababelamukele kuwo, + kuyilapho amaLevi wona ayehlinza. + 12 Ngemva kwalokho alungisa iminikelo eshiswayo ukuze ayabele abantu ababehlelwe ngokwemindeni yoyise ukuze alethe kuJehova ngokwalokho okulotshwe encwadini kaMose; enza kanjalo nangezinkomo. 13 Apheka* umnikelo wePhasika emlilweni ngokwendlela okwakwenziwa ngayo; + apheka iminikelo engcwele ezimbizeni, kogalaza nasemapanini, okwathi ngemva kwalokho awuletha ngokushesha kubo bonke abantu. 14 Ngemva kwalokho enza amalungiselelo awo nawabapristi, ngoba abapristi, inzalo ka-Aroni, babenikela imihlatshelo eshiswayo namaqatha anonile kuze kube sebusuku, ngakho amaLevi enza amalungiselelo awo nawabapristi, inzalo ka-Aroni.
15 Abahlabeleli, abantwana bakwa-Asafa, + babesezikhundleni zabo ngokomyalo kaDavide, + u-Asafa, + uHemani noJeduthuni + umboni wemibono wenkosi; abalindisango besemasangweni ahlukahlukene. + Sasingekho isidingo sokuba bashiye inkonzo yabo, ngoba abafowabo abangamaLevi babalungisela isidlo sePhasika. 16 Ngakho yonke inkonzo kaJehova yalungiswa ngalolo suku ukuze kugujwe iPhasika, + kunikelwe neminikelo eshiswayo e-altare likaJehova ngokomyalo weNkosi uJosiya. +
17 Ama-Israyeli ayekhona agubha iPhasika ngaleso sikhathi kanye noMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. + 18 Kwakungakaze kugujwe iPhasika elinjengalo kwa-Israyeli kusukela ezinsukwini zikaSamuweli umprofethi; futhi ayikho enye yamakhosi akwa-Israyeli eyayike yagubha iPhasika elinjengalelo elagujwa uJosiya, + abapristi, amaLevi, yiwo wonke uJuda no-Israyeli ababekhona kanye nabahlala eJerusalema. 19 Leli Phasika lagujwa ngonyaka ka-18 wokubusa kukaJosiya.
20 Ngemva kwakho konke lokhu lapho uJosiya eselilungisile ithempeli,* uNekho + inkosi yaseGibhithe wakhuphuka eyolwa eKharikemishi ngase-Ewufrathe. UJosiya wabe esephuma wayolwa naye. + 21 Ngakho wathumela izithunywa kuye, ethi: ‘Lokhu kuhlanganaphi nawe, nkosi yakwaJuda? Angizelanga ukuzolwa nawe namuhla, kodwa ngizolwa nenye indlu futhi uNkulunkulu uthi angisheshise. Ukuze kukuhambele kahle, yeka ukumelana noNkulunkulu okanye nami, ngale kwalokho uzokuqothula.” 22 Kodwa uJosiya akazange ahoxe, kunalokho wazifihla + ukuze alwe naye, akawalalelanga amazwi kaNekho ayevela emlonyeni kaNkulunkulu. Ngakho weza wazolwa eThafeni LaseMegido. +
23 Abacibi bayicibishela iNkosi uJosiya, inkosi yathi ezincekwini zayo: “Ngikhipheni lapha ngoba ngilimele kakhulu.” 24 Ngakho izinceku zakhe zamkhipha enqoleni zamgibelisa enqoleni yakhe yempi yesibili, zamletha eJerusalema. Wafa kanjalo, wangcwatshwa emathuneni okhokho bakhe, + wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya. 25 UJeremiya + wahaya ngoJosiya, bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane + bacula ngoJosiya ezingomeni zabo zokulila kuze kube namuhla; kwanqunywa ukuthi kufanele ziculwe kwa-Israyeli, zilotshiwe phakathi kwezingoma zokulila.
26 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJosiya nezenzo zakhe zokubonisa uthando oluqotho, ngokuvumelana nalokho okulotshwe eMthethweni kaJehova, 27 nalokho akwenza kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, kulotshwe eNcwadini Yamakhosi Akwa-Israyeli NawakwaJuda. +