Kumqondisi; kufanele lihambisane nezinsimbi zomculo ezinezintambo. ElikaDavide.
61 O Nkulunkulu, yizwa ukukhalela kwami usizo.
Lalela umthandazo wami. +
2 Ngizokhala kuwe ngisemikhawulweni yomhlaba
Lapho inhliziyo yami iphelelwe yithemba. +
Ngiholele edwaleni eliphakeme kunami. +
3 Ngoba uyisiphephelo sami,
Umbhoshongo oqinile ongivikela esitheni. +
4 Ngizoba yisimenywa etendeni lakho kuze kube phakade; +
Ngizophephela ngaphansi kwesivikelo samaphiko akho. + (Sela)
5 Ngoba wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami.
Unginike ifa elitholwa yilabo abesaba igama lakho. +
6 Uyokwelula ukuphila kwenkosi, +
Iyophila isikhathi eside, izizukulwane ngezizukulwane.
7 Iyohlala esihlalweni sobukhosi kuze kube phakade phambi kukaNkulunkulu; +
Kwangathi uthando lwakho oluqotho nokwethembeka kwakho kungayivikela. +
8 Khona-ke ngiyolihubela izindumiso igama lakho kuze kube phakade +
Njengoba ngigcwalisa izifungo zami usuku nosuku. +