Duteronomi
19 “Lapho uJehova uNkulunkulu wakho ebhubhisa izizwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika izwe lazo futhi usuziphucile ifa lazo wahlala emadolobheni azo nasezindlini zazo, + 2 kufanele ubekele eceleni amadolobha amathathu phakathi kwezwe lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulithathe. + 3 Kufanele uyihlukanise ibe izingxenye ezintathu indawo esezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona njengefa, bese ulungisa imigwaqo ukuze noma yimuphi umbulali abalekele kwelinye lalawo madolobha.
4 “Nakhu okufanele kwenzeke ngombulali ongase abalekele khona ukuze aphile: Lapho eshaya umuntu wakubo engahlosile futhi ayengamzondi ngaphambili; + 5 njengalapho ehamba nomuntu wakubo beya ehlathini beyotheza, afike aphakamise imbazo ngesandla ukuze agawule isihlahla, kodwa insimbi ibhoncuke emphinini iyoshaya umuntu wakubo afe, umbulali kufanele abalekele kwelinye lala madolobha ukuze aphile. + 6 Kodwa uma lilide kakhulu ibanga eliya kulelo dolobha, ophindiselela umufi *+ angase amjahe lowo mbulali amfice, ambulale ngenxa yokuvutha kwentukuthelo.* Nokho, bekungafanele afe ngoba ubengamzondi umuntu wakubo. + 7 Yingakho ngikuyala, ngithi: ‘Bekela eceleni amadolobha amathathu.’
8 “Uma uJehova uNkulunkulu wakho eyandisa indawo yakho njengoba afunga kokhokho bakho, + esekunike lonke izwe athembisa ukulinika okhokho bakho + 9 —uma uwugcina ngokwethembeka wonke lo myalo engikunika wona namuhla, wokuba uthande uJehova uNkulunkulu wakho nokuba uhambe ezindleleni zakhe ngaso sonke isikhathi +—kuyomelwe wenezele amanye amadolobha amathathu kulawa amathathu. + 10 Uma wenza ngale ndlela akukho gazi elingenacala eliyochithwa + ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa, futhi akukho cala legazi eliyoba phezu kwakho. +
11 “Kodwa uma umuntu ebemzonda umuntu wakubo, + wayesemlinda ukuze amhlasele, wamshaya wambulala, futhi lowo mbulali eye wabalekela kwelinye lalawo madolobha, 12 amadoda amadala edolobha lakubo kufanele athumele ayobizwa lapho, amnikele esandleni somuntu ophindiselela umufi futhi kumele afe. + 13 Wena* akufanele umhawukele, kumele ususe icala lokuchitha igazi elingenacala kwa-Israyeli + ukuze kukuhambele kahle.
14 “Lapho uthola ifa lakho ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulithathe, akumele ugudluze uphawu lomngcele kamakhelwane wakho + lapho okhokho babelubeke khona.
15 “Akekho ufakazi oyedwa okufanele alahle omunye* umuntu ngecala nganoma isiphi isiphambeko noma isono angase asenze. + Indaba iyoqinisekiswa ngobufakazi* babantu ababili noma abathathu. + 16 Uma ufakazi onezinhloso ezimbi efakaza ngokumelene nomuntu, ammangalele ngokuthile, + 17 laba bantu ababili abanempikiswano bayoma phambi kukaJehova naphambi kwabapristi nabahluleli abayobe bekhonza ngalezo zinsuku. + 18 Abahluleli bayophenyisisa, + uma lo muntu ofakazayo engufakazi wamanga futhi eye wamangalela umfowabo ngecala lamanga, 19 kufanele wenze kuye njengoba nje ebehlose ukwenza kumfowabo, + ususe okubi phakathi kwenu. + 20 Labo abasele bayozwa besabe futhi ngeke baphinde benze into embi njengale phakathi kwenu. + 21 Wena* akufanele umhawukele: + Kuyoba ukuphila ngokuphila,* iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo. +