UJona
2 UJona wabe esethandaza kuJehova uNkulunkulu wakhe esesiswini senhlanzi, + 2 wathi:
“Ngambiza uJehova ngisosizini lwami, wangiphendula. +
Ngakhalela usizo ngisemajukujukwini *+ eThuna.*
Wena walizwa izwi lami.
Wonke amagagasi akho amakhulu angikhukhula. +
4 Ngathi, ‘Ngixoshiwe phambi kwakho!
Ngiyobuye ngiligqolozele kanjani ithempeli lakho elingcwele?’
Ukhula lwathandela ikhanda lami.
6 Ngashona phansi ezisekelweni zezintaba.
Izingodo zomhlaba zazivaleka unomphela phezu kwami.
Kodwa ukuphila kwami wakukhuphula egodini, Jehova Nkulunkulu wami. +
7 Lapho ukuphila kwami kushabalala, nguJehova engamkhumbula. +
Umthandazo wami wafika kuwe, ethempelini lakho elingcwele. +
8 Labo abakhonza izithixo ezingenamsebenzi bashiya umthombo wabo wothando oluqotho.*
9 Kodwa mina, ngizokwenzela umhlatshelo ngezwi lokubonga.
Engikufungile ngizokufeza. +
Insindiso ivela kuJehova.” +
10 Ngokuhamba kwesikhathi uJehova wayala inhlanzi ukuba ihlanze uJona imkhiphele emhlabathini owomile, yenza lokho kanye.