UJona
3 Kwabe sekufika izwi likaJehova kuJona okwesibili, lathi: + 2 “Sukuma uye eNineve + idolobha elikhulu, umemezele kulo umyalezo engikutshela wona.”
3 Ngakho uJona wasukuma waya eNineve, + elalela izwi likaJehova. + INineve laliyidolobha elikhulu kakhulu*—kwakuthatha izinsuku ezintathu ukulihamba lonke. 4 UJona wabe esengena edolobheni, wahamba usuku lonke, wayememezela ethi: “Kusele izinsuku ezingu-40 kuphela bese iNineve liyabhujiswa.”
5 Amadoda aseNineve aba nokholo kuNkulunkulu, + amemezela ukuba kuzilwe ukudla, agqoka indwangu yesaka, kusukela komkhulu kunawo wonke kuye komncane kunawo wonke. 6 Lapho lo myalezo ufika enkosini yaseNineve, yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo yasebukhosini, yazimboza ngendwangu yesaka yahlala phansi emlotheni. 7 Ngaphezu kwalokho, yakhipha isimemezelo kulo lonke elaseNineve,
“Ngomyalo wenkosi nezikhulu zayo: Akukho muntu nasilwane, akukho mhlambi wezinkomo namhlambi wezimvu nezimbuzi, okufanele udle ukudla. Akufanele kudliwe ukudla noma kuphuzwe amanzi. 8 Mabazimboze ngendwangu yesaka, kokubili umuntu nesilwane; mababize uNkulunkulu ngobuqotho, bayeke izindlela zabo ezimbi nobudlova ababenzayo. 9 Ubani owaziyo ukuthi uNkulunkulu weqiniso ngeke yini ashintshe umqondo* ngalokho ahlose ukukwenza, angabe esathukuthela ukuze singabhubhi?”
10 Lapho uNkulunkulu weqiniso ebona lokho abakwenza, indlela abaphenduka ngayo ezindleleni zabo ezimbi, + washintsha umqondo* ngenhlekelele ayethe uzobalethela yona, akabange esayiletha. +