Duteronomi
31 Ngemva kwalokho uMose wahamba wakhuluma la mazwi ku-Israyeli wonke, 2 wathi kuye: “Namuhla ngineminyaka engu-120 ubudala. + Ngeke ngisakwazi ukukuhola,* ngoba uJehova uthe kimi, ‘Ngeke uliwele leli Jordani.’ + 3 UJehova uNkulunkulu wakho nguye owela phambi kwakho, yena uqobo uzoziqothula lezi zizwe phambi kwakho, wena uzixoshe. + UJoshuwa nguye ozokuhola akuwelise, + njengoba nje uJehova ekhulumile. 4 UJehova uzokwenza kuzo njengoba nje enza kuSihoni + no-Ogi, + amakhosi ama-Amori, nasezweni lawo lapho ewaqothula. + 5 UJehova uzokunqobela zona, kufanele wenze kuzo ngokuvumelana nawo wonke umyalo engikunike wona. + 6 Yiba nesibindi uqine. + Ungazesabi noma zikwethuse + ngoba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nawe. Ngeke akulahle noma akushiye.” +
7 UMose wabe esebiza uJoshuwa wathi kuye phambi kwawo wonke u-Israyeli: “Yiba nesibindi uqine + ngoba uwena ozongenisa lesi sizwe ezweni uJehova afunga kokhokho baso ukusinika lona, futhi uzosinika lona libe yifa. + 8 UJehova nguye ohamba phambi kwakho, uzoqhubeka enawe. + Ngeke akulahle noma akushiye. Ungesabi noma wethuke.” +
9 UMose wabe eseloba lo Mthetho + wawunika abapristi, amaLevi, abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, nawo wonke amadoda amadala akwa-Israyeli. 10 UMose wabayala, wathi: “Njalo ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa, ngesikhathi esimisiwe ngonyaka wokukhulula, + phakathi noMkhosi Wamadokodo, *+ 11 lapho wonke u-Israyeli evela phambi kukaJehova + uNkulunkulu wakho endaweni ayikhethayo, kufanele ufundele wonke u-Israyeli lo Mthetho ukuze awuzwe. + 12 Qoqela abantu ndawonye, + amadoda, abesifazane, abantwana* nesifiki esisemadolobheni* akho ukuze balalele, bafunde futhi besabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqikelele ukuthi bawafeza wonke amazwi alo Mthetho. 13 Abantwana babo abangakaze bawazi lo Mthetho bayolalela + futhi bafunde ukwesaba uJehova uNkulunkulu wakho zonke izinsuku oziphila ezweni owela iJordani ukuyolidla.” +
14 Ngemva kwalokho uJehova wathi kuMose: “Lalela! Sesisondele isikhathi sokuba ufe. + Biza uJoshuwa, niye* etendeni lokuhlangana ukuze ngimmise.” + Ngakho uMose noJoshuwa baya etendeni lokuhlangana. 15 UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu, insika yefu yama emnyango wetende. +
16 UJehova wathi kuMose: “Lalela! Manje usuzofa,* futhi laba bantu sebezoqala ukufeba* nonkulunkulu bezinye izizwe ababazungezile ezweni abaya kulo. + Bazongishiya + baphule nesivumelwano sami engisenze nabo. + 17 Ngaleso sikhathi intukuthelo yami iyobavuthela, + ngiyobashiya, + ngibafulathele, *+ kuze kube yilapho sebeqothuliwe. Ngemva kokwehlelwa izinhlekelele eziningi nezingcindezi, + bayothi, ‘Lezi zinhlekelele azisehlelanga yini ngenxa yokuthi uNkulunkulu wethu ubengekho phakathi kwethu?’ + 18 Kodwa ngiyoqhubeka ngibafulathele ngalolo suku ngenxa yabo bonke ububi ababenzile ngokuphendukela kwabanye onkulunkulu. +
19 “Manje zibhaleleni le ngoma + niyifundise ama-Israyeli. + Wafundiseni yona* ukuze le ngoma ibe ufakazi wami ngokumelene nesizwe sakwa-Israyeli. + 20 Lapho ngibaletha ezweni engafunga ukulinika okhokho babo +—eligeleza ubisi noju +—badle basuthe futhi bachume, *+ bayophendukela kwabanye onkulunkulu babakhonze, bangidelele baphule nesivumelwano sami. + 21 Lapho behlelwa izinhlekelele eziningi nezingcindezi, + le ngoma iyoba ufakazi kubo, (inzalo yabo akufanele iyikhohlwe), ngoba sengiyakwazi lokho abacabanga ukukwenza + ngisho nangaphambi kokuba ngibangenise ezweni engifunge ukubanika lona.”
22 Ngakho uMose wayibhala phansi le ngoma ngalolo suku, wayifundisa ama-Israyeli.
23 Wabe* esemisa uJoshuwa + indodana kaNuni wathi: “Yiba nesibindi uqine + ngoba nguwe ozongenisa ama-Israyeli ezweni engafunga ukulinika wona, + futhi mina ngizoqhubeka nginawe.”
24 Ngokushesha nje lapho uMose eseqedile ukubhala wonke amazwi alo Mthetho encwadini, + 25 uMose wayala amaLevi, athwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi: 26 “Thathani le ncwadi yoMthetho + niyibeke ohlangothini lomphongolo + wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu, izoba ufakazi omelene nani. 27 Ngoba mina ngikwazi kahle ukudlubulunda kwenu + nenkani yenu. *+ Uma nidlubulunde kangaka kuJehova ngisekanye nani, niyodlubulunda kangakanani-ke uma sengifile! 28 Qoqelani kimi wonke amadoda amadala ezizwe zenu nezikhulu zenu, ngikhulume la mazwi bezwa, mangimise amazulu nomhlaba ukuba kube ofakazi ngokumelene nabo. + 29 Ngoba ngazi kahle ukuthi ngemva kokufa kwami nakanjani nizokwenza izinto ezimbi, + niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Nakanjani niyokwehlelwa inhlekelele + ekupheleni kwezinsuku, ngoba niyokwenza okubi emehlweni kaJehova futhi niyomcasula ngemisebenzi yezandla zenu.”
30 UMose wabe esesho amazwi ale ngoma kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni, kuzwa lonke ibandla lama-Israyeli: +