U-Isaya
4 Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, + bathi:
“Sizodla esethu isinkwa
Sigqoke ezethu izingubo;
Kuphela masibizwe ngegama lakho
2 Ngalolo suku, lokho uJehova akwenza ukuba kuhlume kuyoba kuhle kukhazimule, abasindile bakwa-Israyeli bayoziqhenya ngezithelo zezwe, zibe yinto yabo enhle. + 3 Noma ubani osele eZiyoni nosele eJerusalema kuyothiwa ungcwele, bonke labo ababhalwe phansi ukuba baphile eJerusalema. +
4 Lapho uJehova egeza ukungcola* kwamadodakazi aseZiyoni, + esusa negazi* ngaphakathi eJerusalema ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa, *+ 5 uJehova uyoletha ifu kanye nentuthu emini, nomlilo ovutha amalangabi ebusuku phezu kwayo yonke indawo eseNtabeni iZiyoni naphezu kwendawo yemihlangano yalo; + ngoba phezu kwazo zonke izinto ezikhazimulayo kuyoba khona isivikelo. 6 Kuyoba khona idokodo ukuze libe ngumthunzi ekushiseni kwasemini, + libe yisiphephelo nesivikelo lapho kunesiphepho nemvula. +