Ikhasi Lesibili
Cishe zonke izizukulwane ziye zenza ukubikezela kwazo ngokuba seduze kokuphela kwezwe.
Khona-ke, ingabe lokho kusho ukuthi asikho isisekelo salokho oFakazi BakaJehova abebelokhu bekumemezela kusukela ngo-1914—isiphelo salesimiso sezwe nesimiso somhlaba omusha esizayo esiyoguqula umhlaba ube yipharadesi? Ingabe konke kumane nje kuwukuchaza ngokungeyikho?
Ngakolunye uhlangothi, uma oFakazi BakaJehova beqinisile, lokho kuyokuthinta kanjani? Izimpendulo zalemibuzo zibalulekile kithi sonke, ikakhulukazi manje lapho siphila enkathini evelele yomlando, inkathi yenuzi, lapho umuntu ngokokuqala ngqá engathi khona, “Kungenzeka ukuthi kungabe kusababikho bantwana noma abazukulu.”