“Ngikufuna Manje!” Inkathi Yokuzenelisa Okusheshayo
Ukuma kukaJohnny omncane kufanele engabe kubonisa ukukhathazeka okukhulu, kodwa awunakukwazi ukuzibamba ungahleki. Uyethise amahlombe, amadolo akhe ayaxegezela, ukunyathela kwakhe kuntekenteke. Ubuso bakhe bugcwele usizi—isiphongo esivuke izinhlonze, amehlo ancengayo, nomlomo obiphile. Unento eyodwa engqondweni yakhe: uphudini.
“Kodwa Mama,” ekhala ngephimbo lokutetema. Uphelela khona lapho. Unina uphendukela kuye ngolaka, ephethe isitsha nokhezo. “Sengisho okokugcina Johnny, ngithi CHA!” usho ngamandla. “Uma udla uphudini manje, ngeke usakwazi ukudla ukudla kwakho kwakusihlwa. Futhi vele sizobe sidla emizuzwini engu-15!”
“Kodwa mina ngiwufuna MANJE!” ekhala. Unina uyayeka ukugovuza futhi ubheka indodana yakhe. Iyakwazi lokho kubheka; ngokuhlakanipha iyahoxa, ingena kwelinye ikamelo ukuze ikhathazeke iyodwa. Ngokushesha iphazamisekile, isikhohlwe konke ngendaba yokudla ngesikhathi idina selilungile.
Ngezinye izikhathi izingane zibonakala cishe zigqilazekile okwangaleso sikhathi. Lapho zifuna okuthile, zikufuna manje. Umqondo wokulindela umvuzo ongcono, noma wokuzincisha injabulo ngenxa yokuthi ingase izilimaze kamuva, kunzima kakhulu ngazo ukuba ziwuqonde. Nokho. kuwumqondo zona—cishe nathi sonke—okudingeka siwufunde.
Ukuhlola kwamuva okwenziwa izazi zesayensi eYunivesithi yaseColumbia eUnited States kwahlola ikhono lezingane ezincane lokuyeka ukuzenzisa ukuze zithole umvuzo ofiselekayo. Izingane zanikezwa izinto ezimbili zamahhala ezazingazikhetha, enye ifiseleka kakhulu kunenye—okungukuthi, ikhekhe elilodwa noma amabili. Babeyothola amabili uma nje kuphela belindile kwaze kwaba sekubuyeni kukathisha. Nokho. babengase bayeke ukulinda nganoma isiphi isikhathi ngokushaya insimbi, ngenxa yalokho bathole elilodwa futhi balahlekelwe ukuthola amabili. Izazi zesayensi zabhala phansi lokho ezakwenza futhi zahlola intuthuko yalezingane ezifanayo eminyakeni eyishumi kamuva.
Umagazini iScience ubika ukuthi izingane ezazikulungele ngokwengeziwe ukubambezela ukuzenzisa zaziphumelela kangcono njengentsha. Zazifaneleka ngokwengeziwe emphakathini nasesikweni futhi zazikwazi kangcono ukubhekana nokucindezeleka nokukhungatheka. Ngokusobala. ukukwazi ukubambezela ukuzenelisa—ukuyeka ukuthola esikufunayo—kuyikhono elibalulekile ekuphileni. Futhi kuzuzisa nabantu abadala ngokufanayo.
Sonke nsuku zonke sicindezelwa ukuba sikhethe phakathi kokuzenelisa okusheshayo nokubanjezelwe. Okunye ukukhetha kubonakala kungabalulekile: ‘Ingabe kumelwe ngiludle loluyacezu lwekhekhe noma kumelwe ngibheke ukuthi ngidla kangakanani? ‘Ingabe kumelwe ngibukele iTV, noma ingabe kukhona okuthile okunomvuzo kakhulu okumelwe ngikwenze manje?’ ‘Ingabe kumelwe ngiyikhulume lendaba noma ngibambe ulimi lwami?’ Endabeni ngayinye, kumelwe siqhathanise ukuyenga kokuzanelisa okusheshayo nemiphumela eminingi ehlala njalo. Yebo, kungase kungabi izindaba ezinkulu kakhulu.
Okubaluleke kakhulu izinqumo zokuziphatha abantu ababhekene nazo: ‘Ingabe kumelwe ngiqambe amanga ukuze ngiphume kulesosimo, noma ingabe kufanele ngifune indlela ethembekile neyobuhlakani?’ ‘Ingabe kumelwe ngisabele kulolothando lokuthatheka ngibone ukuthi kuzokwenzekani, noma kufanele ngizihlanganise naleliqembu futhi ngibheme insangu, noma kumelwe ngilalelele umthetho futhi ngivikele umzimba wami?’ Njengoba ngokungangabazeki uye wabona, inkambo yokuzenelisa okusheshayo ingaguqula ukuphila komuntu kuwohloke ngokushesha.
Njengoba umagazini iScience ukubeka: “Ukuze basebenze ngokuphumelelayo abantu ngokuzithandela kumelwe bahlehlise ukuzenelisa okusheshayo futhi baphikelele ekuziphatheni okuqondiswa imigomo ngenxa yemiphumela yakamuva.” Ngakho cishe asinakuphila ukuphila okuhle uma sanelisa zonke izifiso zethu ngaso kanye leso sikhathi.
Nokho, siphila ezweni eligcwele ukuzenelisa okusheshayo, izwe elibonakala lilawulwa izingulungwane ezingenakubalwa zabantu abadala abafana noJohny omncane, abathambekele ekutholeni abakufunayo manje, bengayiboni imiphumela. Isimo sabo siye salolonga izwe lethu lanamuhla, futhi hhayi ukuba libengcono.