“Yazisa Uyihlo Nonyoko”
LAWOMAZWI ayekhona kusukela endulo, emakhulwini eminyaka ngaphambi kwesikhathi sikaKristu kwehle kuze kufike kithi. Alethwa evela esiqongweni sentaba, elotshwe etsheni ngomunwe kaNkulunkulu. UMose wayesetshenziswe ukuba ahole amaIsrayeli angabathunjwa awakhiphe ebugqilini baseGibithe, awadlulise oLwandle Olubomvu, futhi awase ekamu phansi kweNtaba yaseSinayi emangelengele. Ngemva kokuchitha izinsuku ezingu-40 nobusuku bazo enoJehova eNtabeni yaseSinayi, uMose wehla nezibhebhe ezimbili zamatshe okwakulotshwe kuzo iMithetho Eyishumi.—Eksodusi 34:1, 27, 28.
Kwesinye salezibhebhe kwakulotshwe umthetho wesihlanu, manje ovela eBhayibhelini kuEksodusi isahluko 20 ivesi 12. Ufundeka kanje: “Yazisa uyihlo nonyoko, ukuze izinsuku zakho zibe-zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.” Ngokukamphostoli uPawulu, “kungumyalelo wokuqala onesithembiso,” isithembiso esingukuthi: “Ukuze izinsuku zakho zibe-zinde ezweni.”—Efesu 6:1-3.
Umbukwane osabekayo womlilo nomusi nokuzamazama okwethusayo kweNtaba yaseSinayi phakathi nokudluliselwa kweMithetho Eyishumi kwamemezela ngokuphawulekayo ukubaluleka kwayo, kuhlanganise nowesihlanu, ukwazisa uyihlo nonyoko. Yini ehilelekile ekuboniseni lokhu kwazisa? Akuyona inhlonipho nokulalela kuphela kodwa futhi nokunakekela nokusekela ngendlela engokwenyama lapho kudingekile.
Lokhu kwenziwa kwakhanya emakhulwini eminyaka kamuva lapho uJesu engqubuzana nababhali nabaFarisi ngokuphathelene namasiko abo adluliselwa ngomlomo. UJesu wabonisa ukuthi lapho begodlela abazali abaswele ukusekelwa okungokwezinto ezibonakalayo, babehluleka ukwazisa uyise noma unina. Wathi kubo, njengoba kulotshwe kuMathewu 15:3-6: “UNkulunkulu wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa. Kepha nina nithi: Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho, akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenzé laba-yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.”
Endabeni kaJesu ngokwakhe, wabonisa ukulalela abazali bakhe, ezithoba kubo. (Luka 2:51) Eminyakeni eminingi kamuva, lapho efa esigxotsheni sokuhlushwa, wabonisa ukumazisa unina ngokwenza ilungiselelo lothando lokuba anakekelwe futhi ondliwe.—Johane 19:25-27.
Umphostoli uPawulu wayazi kahle kamhlophe ukuthi kwakuyimfuneko kaNkulunkulu ngezingane, futhi ngisho nabazukulu, ukuba zinakekele abazali abasweleyo. Ngokuthakazelisayo futhi, wahlanganisa usizo olunjalo olungokwezinto ezibonakalayo nokubonisa ukwazisa: “Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo. Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.” (1 Thimothewu 5:3, 4) Abazali bakho bakunakekela ngenkathi usewusana futhi ungumntwana ongenakuzisiza; lapho sebegugile, nguwe osekufanele ubasize ekusweleni kwabo.