Ikameli—Umhambi Wasogwadule Onokwethenjelwa
SEKUYISIKHATHI eside ikameli lisebenzela umuntu njengesilwane sokuthwala nendlela yokuthutha, ikakhulukazi ezindaweni eziwugwadule. Kunezinhlobo ezimbili zekameli, elase-Bactria nelase-Arabia. Elase-Bactria (i-Camelus bactrianus) linezifumbu ezimbili emhlane walo, linamandla kunelase-Arabia, futhi likwazi ukuthwala imithwalo esinda kakhulu; elase-Arabia (i-Camelus dromedarius), okucatshangelwa ukuthi yilona leli okuvame ukuba kubhekiselwe kulo eBhayibhelini, linesifumbu esisodwa kuphela.
Izici zekameli zilenza likufanelekele kahle ukuphila ezindaweni eziwugwadule, lapho ngokuvamile lifeza khona umsebenzi owabelwa ihhashi noma imbongolo kwamanye amazwe. Uboya balesilwane obuwugqinsi busivikela ekushiseni kwasogwadule. Ikhala lalo elipheqekile elilivala uma lithanda liyisivikelo esiwusizo esihlabathini esiphephukayo. Amehlo alo avikelwe amajwabu anogqinsi kanye nezinkophe ezinde ezivunguvungwini ezinolaka. Izinyawo zekameli zinesikhumba esiqinile kanye nentende esalugqinsi, zilolongelwe ngokukhethekile ukuhamba esihlabathini esithambile nesishelelayo. Izintende eziqinile lesilwane esizimelele kuzo zivikela isifuba namadolo aso. Lezintende zikhona kusukela ekuzalweni. Amazinyo aqinile alisiza ukuba likwazi ukuhlafuna kahle noma yini. Lesilwane sidinga okusanhlamvu okuncane futhi singaphila ngezitshalo ezivamile zasogwadule, okwenza ukuthi kube isilwane okungenazindleko ukusifuya.
Isifumbu sekameli sisebenza njengegumbi elithile eliphathekayo lokugcina ukudla. Lapha kulapho ligcina khona ingxenye enkulu yokudla kwalo okusesimweni samafutha. Uma kudingeka ukuba ikameli lithole ukudla kulelilungiselelo lalo lokudla okugciniwe isikhathi eside, isikhumba sesifumbu, esikhundleni sokuba siqhubukushe, silengela ohlangothini olungasemuva lomhlane njengesikhwama esingenalutho. Ezikhathini zasendulo, njenganamuhla, imithwalo yayibekwa phezu kwezifumbu zamakameli.—Isaya 30:6.
Nakuba inganekwane iyaye ithi ikameli ligcina amanzi alo esifumbini, lokhu akunjalo. Ngokuvamile kucatshangelwa ukuthi ikameli lingaphila isikhathi eside ngaphandle kwamanzi ngenxa yokwazi kwalo ukugcina ingxenye enkulu yamanzi eliwaphuzayo. Isici esinikelayo kulokhu indlela ikhala elakhiwe ngayo, elenza lesilwane sikwazi ukukhipha umhwamuko lapho siphefumula. Ikameli lingabekezelela ukulahlekelwa amanzi angamaphesenti angu-25 esisindo salo, uma kuqhathaniswa namaphesenti angu-12 kubantu.
Alilahlekelwa umswakama ngokushesha ngenxa yokujuluka njengoba kwenza ezinye izilwane, ngoba izinga lokushisa komzimba walo lingaguquka ngama-degree Celsius ayisithupha ngaphandle kwemiphumela ephawulekayo. Igazi lalo lihlukile ngokuthi ukulahleka koketshezi kuncane ngisho nalapho lithola amanzi ayingcosana izinsuku eziningana. Lingase futhi libuyisele isisindo somzimba esilahlekile ngokuphuza amanzi amaningi ngangamalitha angu-135 emizuzwini eyishumi.
Amanye amakameli adume ngokuthi ake agijima ngamajubane amangalisayo. Ku-1 Samuweli 30:17, kunokwenzeka ukuthi lamakameli ayegijima kakhulu. Kwakuyizinsizwa ezingu-400 kuphela ezazigibele amakameli ezasinda lapho uDavide eqothula abahlaseli bama-Amaleki.
NgokoMthetho, ikameli laliyisilwane esingcolile futhi, ngenxa yalokho, ama-Israyeli ayengalidli. (Levitikusi 11:4) Nokho, uboya bekameli babelukelwa endwangwini. UJohane umBhapathizi wayegqoka ingubo yaloluhlobo. (Mathewu 3:4) Ngisho nanamuhla indwangu eyenziwe ngoboya bekameli iyasetshenziswa ekwenzeni izingxenye zezambatho.