Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Indlela Yokuphila Engenampilo Kulezi zinyanga ezimbalwa ezidlule, impilo yami ibingeyinhle neze, ngakho kwangijabulisa ukufunda ukuthi singayithuthukisa impilo yethu ngokushintsha indlela esiphila ngayo. Ukufunda uchungechunge oluthi “Ingabe Indlela Ophila Ngayo Iyakubulala?” (July 8, 1999) kwangenza ngabona ukuthi kudingeka nginciphise ukudla okuthile futhi ngidle ukudla okunomsoco okunezithelo nemifino.
E.P.M., Brazil
Ukusabela Ngemva Kwesikhathi Sangikhuthaza isihloko esithi “Imbewu Eyathela Izithelo Ngemva Kweminyaka Eminingi.” (July 8, 1999) Lona unyaka wami wesithathu ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele, futhi uma izinto zingahambi ngendlela ebengihlele ngayo, ngiyadangala futhi ngiphelelwe umfutho wokuqhubeka. Ukufunda lesi sihloko kuye kwangisiza ukuba ngenze okusemandleni manje, bese ngishiyela kuJehova.
T. N., Japan
Ukugconwa Ngasijabulela isihloko sika-June 22, 1999 esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingabhekana Kanjani Nokugconwa?” Kusukela ngisesenkulisa, engangifunda nabo babengibuza imibuzo ngezinkolelo zami. Indlela ababuza ngayo ngezinye izikhathi ingiphatha kabi. Sekukaningi ngicishe ngihluleka ukubekezela. Manje sengiyaqaphela ukuthi lolu kumane kuwuvivinyo lokholo. Ngaphandle kwalokho, bakhona abanye esikoleni engiye ngafakaza kubo ngokuphumelelayo.
L. C., United States
Nami ngiye ngahlekwa usulu ngenxa yokwenqaba ukugubha amaholide athile enkolo noma ukuhlanganyela emikhosini yokushisekela izwe. Futhi ngiye ngahlukunyezwa ngenxa yokwethembeka nokuphila ngokuvumelana nezindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha. Ukungenisa ulwazi oluqondile kuye kwangisiza ukuba ngikwazi ukuzimela. Lokhu kungisiza ukuba ngingabi namahloni ngokwambula izinkolelo zami.
H. C., Zambia
Nakuba sezadlula izinsuku zami zobusha—ngineminyaka engaphezu kuka-50!—Ngiyasazisa lesi sihloko. Kunezikhathi lapho ukuphikiswa esibhekana nakho ensimini kusenza sicasuke futhi sifune ukuphindisela. Kungakho ngiwazisa amazwi ayisikhumbuzo athi “ukuphindisela ngokugcona, kungakhathaliseki ukuthi kubonakala kuhlakaniphe kangakanani, kuyomane kukudonsele amanzi ngomsele.” Ngiyaye ngizame ukuzivikela ngaphandle kokuba nesimo sokuphindisela, futhi lesi sikhumbuzo sangenza ngabona ukuthi kufanele ngiqhubeke ngenza kanjalo.
A. F., United States
Phila Isikhathi Eside Ngizizwa ngishukumiseleka ukuba ngisabele ochungechungeni lwenu oluhle oluthi “Indlela Yokuphila Isikhathi Eside Uwumqemane.” (July 22, 1999) Ekugcineni sengiyitholile incazelo engiyiqondayo yomehluko phakathi kwesilinganiso sobude beminyaka yokuphila kanye neminyaka okulindeleke ukuba umuntu ayiphile. Futhi, iseluleko esihle sokuthi ungakunqanda kanjani ukuwohloka okubangelwa ukuguga siyisikhumbuzo engingasisebenzisa ngokuhlakanipha ukuze ngisize umkhulu wami oseneminyaka engu-88 ubudala, oqhatha umunyu ngezinye izikhathi.
T. N., United States
Inja Eyizindlebe Ngifuna ukunibonga ngesihloko esithi “Inja Yami Iyizindlebe Zami!” (July 22, 1999) Ukwazi ukuthi abantu abanenkinga yokuzwa babhekana nobunzima obukhulu kangaka kuye kwangisiza ukuba ngibaphathe ngokuqonda kakhulu. Nami ngiyazithanda izinja, futhi ngajabula lapho ngifunda ngendlela ezingabasiza futhi zibasekele ngayo abantu abaningi.
L. B., Italy
Nami nginenja engumsizi. Ngichitha isikhathi esiningi esihlalweni sabakhubazekile, ngoba umgogodla wami uxhwalile futhi ngine-fibromyalgia. Ngiswele amazwi okuchaza zonke izinto engizenzelwa yinja yami. Iyangisiza lapho ngiyothenga noma ngihlanza indlu. Iyangisiza ngisho nasenkonzweni yobuKristu ngokungithwalela izincwadi.
K. W., United States