Ukufinyelela Izinhloso Ezinhle
UBUNYE, ubuzalwane nokuthula komhlaba wonke—ubani obengeke azibabaze izinhloso ezinhle ngale ndlela? Umvuseleli wama-Olympic, uBaron Pierre de Coubertin, wayekholelwa ukuthi le midlalo yayiyodambisa umbango wezizwe ngokukhuthaza ukuhloniphana kwabaqhudelani kungakhathaliseki uhlanga lwabo, inkolo noma ubulili babo. Wayenomuzwa wokuthi “izwe elingcono lingalethwa kuphela ngabantu abangcono.” Kodwa ingabe imidlalo ingakuletha ngempela ukuthula komhlaba? Uma sibheka umlando wayo, kufanele sivume ukuthi ngeke.
Nakuba ezemidlalo zinendawo yazo, imfundo evela eBhayibhelini iyisihluthulelo sokuthuthukisa ukuthula kweqiniso. Empeleni, njengoba uCoubertin asho, izimiso zeBhayibheli zingaveza “abantu abangcono.” Cabangela eminye imibhalo ekhuthaza ukuthula phakathi kwabantu abayisebenzisayo, kungakhathaliseki ukuthi bangabasizwe sini.
“Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.
“Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.”—Roma 12:18.
“Uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke.”—Galathiya 6:10.
“Ningenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo [nibheke] abanye njengabaphakeme kunani.”—Filipi 2:3.
“Ukuqeqesha umzimba kunenzuzo encane; kodwa ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kunenzuzo ezintweni zonke, njengoba kunesithembiso sokuphila kwamanje nalokho okuzayo.”—1 Thimothewu 4:8.
Ingabe imigomo echazwe kule mibhalo iyasebenza ngempela? Cabangela okwenzeka eMunich, eJalimane. Ngo-1974, ngemva nje kweminyaka emibili kwakubanjwe iMidlalo Yama-Olympic kulelo dolobha eyaphazanyiswa yizenzo zobuphekula nokubulawa kwabantu, oFakazi BakaJehova baqhuba umhlangano wezizwe e-Olympic Stadium. Phakathi kwababa khona kwakunamaqembu ayevela eGreece naseTurkey—amazwe ayesempini. Eqinisweni, ngalo lelo hlobo, amabutho aseGreece nawaseTurkey ayelwa ebanga isiqhingi saseCyprus. Ingabe lokhu kwakuyowathinta amaKristu ayezé emhlanganweni? Cha! Yeka indlela okwakuthinta ngayo inhliziyo lapho abantu bebona amaGreki nabaseTurkey bangana futhi bebizana ngokuthi mfowethu nangokuthi dadewethu!
OFakazi BakaJehova baziwa emhlabeni wonke ngokwakha ubuhlobo obunokuthula obunqoba yonke imigoqo yobuzwe neyobuhlanga. Yiqiniso, abasho ukuthi sebewufinyelele ngokuphelele umgomo wobunye nobumbano emhlabeni wonke. Njengabo bonke abanye abantu, kufanele bazikhandle ukuze balandele iseluleko somphostoli uPawulu ongumKristu, esithi: “Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, futhi nigqoke ubuntu obusha.” (Kolose 3:9, 10) Noma kunjalo, bakholelwa ngokuqinile ekutheni ukulandela izimiso zeBhayibheli kungasiza abantu ukuba ‘bafune ukuthula futhi bakuphishekele.’—1 Petru 3:11.
Ngokudabukisayo, ama-Olympic—nakuba enezinhloso ezincomekayo—aye aveza izimfanelo ezingathandeki kubantu abaningi. Ngokuphambene nalokho, iZwi likaNkulunkulu elinamandla liveza okuhle kubantu, likhuthaza ubunye nokuthula komhlaba wonke.
[Izithombe ekhasini 8]
Ama-Olympic akhuthaza ukuncintisana
[Umthombo]
Aus dem Fundus der MÜNCHNER OLYMPIAPARK GMBH, München
[Izithombe ekhasini 9]
IBhayibheli likhuthaza ukuthula